UFUNA abadlali bazethembe futhi bakhululeke enkundleni uma sebebhekene neMagesi FC kwiCarling Black Cup, umqeqeshi weCarling All-Stars, uJose Riveiro.
Lo mqeqeshi we-Orlando Pirates, uqokwe ngabalandeli ukuthi ahole iqembu elibunjwe ngabadlali bamaqembu ahlukene uma selidudulana nompetha beCarling Knockout ngo-3.30 ntambama namuhla, e-Orlando Stadium.
IMagesi ishaye iMamelodi Sundowns ngo 2-1 kowamanqamu ngenyanga edlule, yaba ngompetha besibili beCarling Knockout ngemuva kokuthi iStellenbosch FC ibe yiqembu lokuqala ukuphakamisa indebe ngesizini edlule.
Leli qembu eliphekwa nguClinton Larsen, lizobe libheke ukuba ngelokuqala ukunqoba i-All Stars, eyathela phansi iStellies ngo 2-1 kwiCarling Black Label Cup ngesizini edlule.
URiveiro uthe abaqeqeshi abanakho okuningi okumele bakwenze kulesi sikhathi esifushane ngaphandle kokusiza abadlali ukuthi bahleleke enkundleni. Iqembu elizoqala le-All Stars libunjwe ngabadlali abahlanu abavela kwiligi ephezulu, iBetway Premiership, nabayisithupha bamaqembu amancane adlala kwiDStv Diski Challenge.
“Kunzima futhi kulula ukuqeqesha leli qembu. Umsebenzi wethu ukubeka abadlali eqhulwini ngaphezu kwabaqeqeshi. Ngicabanga ukuthi inkundla eyabo ukuthi bazibonakalise,” kusho uRiveiro.
“Ngizozama ukubasiza ngesikhathi somdlalo ukuze bawunqobe. Abadlali abasidingi isikhathi esiningi ngoba bayalazi ibhola. Bangabadlali abanekhono abadingi ukutshelwa okuningi ukuze bakwazi ukutholana enkundleni.
“Esifuna ukukwenza njengethimba labaqeqeshi ukubavumela ukuthi baziveze ngendlela abajwayele ukwenza ngayo. Bazizwa bekhululeke kakhudlwana uma ubanikeza ithuba lokwenza lokho.”
Kwenziwe izinguquko eqenjini elalimenyezelwe phambilini. Kuhoxe umdlali weKaizer Chiefs, uGaston Sirino, ngenxa yokulimala, indawo yakhe yathathwa nguzakwabo uSamkelo Zwane.
U-Ashley Du Preez, owabeka enethini iphenathi bedlala neStellies ngesizini edlule, usezoqala ebhentshini, isikhala sakhe sivalwe ngumgadli osemncane weChiefs, uVincent Mokoena.
Olunye ushintsho lwenziwe ebhentshini lapho umdlali weqembu elincane lePirates, uSeth Green, evale khona isikhala sikaMonnapule Saleng.
Iqembu leCarling All-Stars elizobhekana neMagesi FC
Abazoqala: Sipho Chaine (Pirates), Asekho Tiwani (Sundowns), Aden McCarthy (Chiefs DDC), Mbekezeli Mbokazi (Pirates DDC), Jabulani Mokone (Pirates DDC), Samkelo Zwane (Chiefs), Bathusi Aubaas (Sundowns), Gomolemo Kekana (Sundowns DDC), Relebohile Mofokeng (Pirates), Naledi Hlongwane (Chiefs DDC), Victor Mokoena (Chiefs).
Ebhentshini: Nqobani Biyela (Sundowns DDC), Dimpho Madalane (Pirates DDC), Xolani Cossa (Chiefs DDC), Akhanyisile Sinoti (Chippa DDC), Reeve Frosler (Chiefs), Mfundo Vilakazi (Chiefs), Sanele Phiri (Galaxy DDC), Simphiwe Selepe (Pirates DDC), Seth Green (Pirates), Thembinkosi Lorch (Sundowns), Patrick Maswanganyi (Pirates), Tshegofatso Mabasa Pirates).