UKUDLA kwe-Orlando Pirates inkomishi yesihlanu eminyakeni engaphansi kwemithathu kukhumbuze umqeqeshi wayo, uJose Riveiro, ngobumqoka bokuwelisela le fomu emidlalweni yeligi osekuphele iminyaka bengayazi.
IPirates idle i-MTN8 yayo yesitathu kulandelana ngesikhathi ijikela iStellenbosch FC njengotshwala esiswini emdlalweni wamanqamu ngoMgqibelo, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
IPirates inqobe ngo 3-1 wamagoli, kaMonnapule Saleng, Tshegofatsa Mabasa noRelebohile Mofokeng abecisha, elikaLehlohonolo Mojela, okuyilona elivule inkundla.
Njengoba iPirates isiyiphinde amahlandla amathathu kulandelana iMTN8 yaphinda yengeza ngamaNedbank Cup amabili, kusukela kufike uRiveiro ngo-2022, umbuzo omkhulu uthi, ngabe isazoqhubeka yini nokuvuma ukuba ithofi leMamelodi Sundowns esiyikhonye amasizini ayisikhombisa kulandelana iligi enkulu yaseNingizimu Afrika?
IPirates yagcina ukudla isicoco seligi ngo-2011-2012.
URiveiro obesesithangamini nabezindaba ngoMgqibelo emuva kowamanqamu ubuziwe ukuthi njengoba kusobala ukuthi uyayikhonya eyemiqhudelwano, uzokwenzenjani ukuqinisekisa ukuthi nakwiligi iPirates iyakhonya?
“Kungakuhle ukuthi abantu baqaphele ukuthi siyazama ukuba iqembu elingcono futhi yonke imidlalo ngokuhlukana kwemiqhudelwano siwakhipha wonke amandla esinawo kuyona,” kuphendula uRiveiro.
“Sizinikele ekulweleni isicoco seligi ngawo wonke amandla esinawo. Kusemqondweni wethu ukubaluleka kokukhuphula izinga kweyeligi njengoba senza kweyomkhumulajezi.
“Inkinga yethu yeminyaka edlule bekuwukuhluleka ukubamba umgqigqo okuyinto okungafanele ume vele ukusebenza kuyona. Ngeke siyeke ukuzama ukubangcono ekubambeni umgqigqo.
“Konke okufanele sikwenze ukuze sibengcono kwiligi siyakwenza kodwa futhi okumqoka kakhulu ukuthi singagcini ngokukhuluma kodwa senze.
“Akukhona lokhu engikusho ngihleli phansi okuzosiwinisa iligi kepha kufanele iPirates ikukhombise ukuthi isishintshile emidlalweni yeligi.
“Okuhle esikwenzile ukuqala ngegiya eliphezulu okusilethele imiphumela emihle esikhathini esincane kusukela kuqale isizini entsha.
“Okusemqoka kunakho konke nokho ukungawudedeli lo mgqigqo esesiwubambile,” kusho uRiveiro, othe akunconywe abadlali ngokuhlabana kwePirates kwiMTN8 nakwiNedbank hhayi yena.
IPirates isaqale kahle kwiligi, inqoba yonke imidlalo emithathu esayidlalile, okuyenza ilingane neMamelodi Sundowns ephezulu ngamaphuzu ayisishiyagalolunye.