UKUZIMISELA kukaSibongiseni “Ox” Mthethwa ukushintsha indlela akhule edlala ngayo yikhona okumsondeza nesikimu seKaizer Chiefs njengoba ewudlale wawuqeda oweRoyal AM weBetway Premiership ngempelasonto edlule.
Lokhu kushiwo ngumqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba kulandela ukudedela kwezakhe amaphuzu zibambana neThwihli Thwahla ngo 2-2.
Kusukela uNabi eqale umsebenzi wokupheka iChiefs, uMthethwa ofike kuMakhosi ethwelwe ngeqoma esuka kwiStellenbosch FC nyakenye, ijezi belimeqa ekhona.
Ngesikhathi le njini eneminyaka engu-30 ubudala ifika kwiChiefs, ibibalwa nabadlali obekubhekwe lukhulu kubona. Nangempela ifike yalenza elayo ijezi eNaturena ngaphansi kukaMolefi Ntseki noCavin Johnson obebanjisiwe ngaphambi kokuqashwa kukaNabi.
Ukufika kukaNabi kuzishintshile izinto kwaze kwavela namahemuhemu okuthi iChiefs ingase imdedele lo mdlali waKwaZulu-Natal.
UMthethwa udlale okokuqala ngaphansi kukaNabi ngesikhathi behlula iRichards Bay ngo 2-1 koweligi ngesonto eledlule. Udlale owesibili ngempelasonto bebhekene ne-AM. Emuva koweBay, uNabi ukuvezile ukuthi uneme kangakanani ngendima ekhathulwe nguMthethwa nabanye abadlali abangalijwayele ijezi njengo-Ashley du Preez noPule Mmodi.
Yize lo mqeqeshi waseTunisia ebethukuthele egane unwabu ngemuva komdlalo ne-AM kodwa uchaze uMthethwa njengesibani ngenxa yendlela awudlale ngayo lo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium.
“Engingakusho ngoMthethwa ukuthi useyiqonda kangcono indlela esifuna ayidlale ngayo le ndawo esimbophela kuyona,” kusho uNabi.
“Ukuvuma kwakhe ukuyishintsha indlela akhule edlala ngayo, yikhona okwenze sabheka ngakuyena ngoba ikhono lakhe asikaze silingabaze.
“Kuningi esesisebenze naye kukhona obekumqhelelanisa nesikimu kodwa useyaqonda futhi ukhombisa nezimpawu zokujabula ukuba ingxenye yeqembu.
“Ngiyambongela ukuthi usesondele esikimini ngenxa yokulalela nokufuna kwakhe ukwenza lokhu okwenziwa yiwona wonke umuntu,” kusho uNabi.
Amakhosi asendaweni yesikhombisa kwi-log ngamaphuzu angu-11 emidlalweni eyisikhombisa, azobuyela enkundleni ngokuvakashela iPolokwane City koweligi e-Old Peter Mokaba Stadium ePolokwane, ngeSonto.