UMKHUBA wabadlali baphambili beKaizer Chiefs wokukhonza umjiko nokuphaselana eduze noma singasekho isidingo yisona isizathu esikhulu sokuthi leli qembu laseNaturena liphume inqina yokuzingena umgadli okwaziyo ukushaya igoli.
Lokhu kuvezwe ngumqeqeshi waMakhosi, uNasreddine Nabi, ngemuva kokubuya kukubi kwi-TS Galaxy ababambane nayo ngo 1-1 koweBetway Premiership.
Lo mdlalo obuseMbombela Stadium ngoMsombuluko, bekungowesishiyagalolunye weligi kaNabi kusukela kuqale isizini ka-2023/2024.
Lo mqeqeshi ofike ethwelwe ngeqoma kulandela ukuhlabana kwakhe kwiYoung Africans yaseTanzania ne-AS FAR yaseMorocco, usenqobe emithathu, washaywa kwemithathu kwathi kweminye eyisibalo esifanayo wadlala ngokulingana.
Yize uNabi ekhihla esikaNandi ngomgadli ongalibheki ipali, iChiefs isingenelwe ngamagoli kuyona yonke imidlalo yayo yeligi kusukela ethathe izintambo kuCavin Johnson.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eMbombela ngoMsombuluko, uNabi ulibeke ngembaba elokuthi akeneme ngabadlali bakhe baphambili.
“Izibalo zikhomba ukuthi alikho iqembu elifika ebhokisini lezitha ngaphezulu kwethu kusukela kuqale isizini kodwa imiphumela yalokho ayikho,” kusho uNabi.
“Ngiyazi kuwumsebenzi wami ukwenza abadlali babengcono futhi ngeke ngikhathale ukukuzama lokho. Sidinga umgadli ongananazi uma esesebhokisini.
“Sidinga umuntu ozosebenzisa amandla uma kufanele. Umkhuba okufanele bawuyeke abadlali baphambili beChiefs owokuphaselana eduze noma singasekho isidingo ebhokisini. Muhle umjiko kodwa uma usubhekene nonozinti kufuneka umdlali ongananazi,” kusho yena.
Baningi abagadli abamataniswa neChiefs njengoba kuzovuleka iwindi lokushintshana ngabadlali ngenyanga ezayo.
Kulaba bagadli kukhona uFiston Mayele wePyramids yase-Egypt, Lungelo Nguse weLamontville Golden Arrows, Michael Olunga waseKenya noTumisang Orebonye waseBotswana odlalela i-AS FAR yaseMorocco.
URanga Chivaviro oyilamulele kunzima kwiGalaxy, unezinkinga nabalandeli kanti u-Ashley du Preez uphinde wayeka elinye ithuba elilula okufakazela izinombolo zakhe kusukela efike ethwelwe ngeqoma kwiChiefs ngo-2022.
Abazazi zonke bathi uChristian Saile uyena ozodedelwa uma kutholakala umgadli ongeyena owaseNingizimu Afrika. IChiefs izovala unyaka ngokwamukela iChippa United ngoDisemba 29, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.