UDAINE Klate wuyena ozozikhethela phakathi kokubekwa lapho ezodingwa khona yiChippa United noma abone afika ngayo, ngokusho kukasihlalo weqembu laseGqeberha, uSiviwe “Chippa” Mpengesi.
Isikhulu sikusho lokhu kwiMetro FM ngoMsombuluko ntambama. Sikhuluma kanjena nje, iphephandabaa libike ukuthi uMpengesi uyakuchitha ukuthi uKlate uxoshiwe eqenjini njengoba bekusabalele imibiko kusukela ngesonto eledlule.
UMpengesi ukhulume nabezindaba ngoMgqibelo, ngemuva kokuthi iqembu lakhe lishaye AmaZulu FC ngo 2-1 koweDStv Premiership, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ebhentshini bekuhleli uSiyabulela Gwambi noMorgan Mammila, uKlate engekho.
“Sizohlangana maduze noKlate. Akaxoshiwe kwiChippa futhi unenkontileka neqembu lethu leDStv Diski Challenge (DDC) okungenzeka ukuthi uzobuyela kulona,” kuchaza uMpengesi emsakazweni.
“Uyiqhawe lasendaweni (eGqeberha), ngakho-ke akayena umuntu esingathanda ukumbona ehleli ekhaya ngoba engenawo umsebenzi. Sizomfaka lapho sibona kufanele khona kodwa uma enenkinga nalokho sizophoqeleka ukumdedela.”
Enkulumweni kaMpengesi kuvele nokuthi uKlate ubevele esebenza esikimini esikhulu ngenkontileaka yakhe yakwiDDC.
“Besivumelene ngokuthi sizoshintsha okuthile ngoba useqeqesha isikimu esikhulu. Kwaba nesikhathi lapho ebesafuna ukuhlala khona phansi nababhekele izindaba zakhe. Okuningi kugcine kungenzekanga kwazise nemidlalo ithothene eduze kule ligi yethu.
“UKlate usengumsebenzi weChippa ngokwenkontileka anayo nathi. Akulona futhi iphutha lethu ukuthi akusayinwanga lutho ngesikhathi esekhushulelwa esigabeni esikhulu.
“Sigcine sithembisene ukuthi izinto zizoshintsha kanjani njengoba eseseqenjini elikhulu kodwa ugcine engazange abuyele kithina (nakho-ke izinto sezenzeka ngale ndlela ezenzeke ngayo),” kuqhuba uMpengesi.
UGwambi noMammila bazoqhubeka nokuhlala ebhentshini leChippa ngokuqinisekisa kukaMpengesi.
“Sikuphi isidingo sokulungisa into engonakele? Lezi yizikhathi ezimnandi zeChippa. UGwambi noMammila bazoqhubeka futhi kufanele ngikucacise lokhu, asikho isikhala somqeqeshi kwiChippa,” kusho uMpengesi.