UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, akanakho nokuncane ukungabaza ngokuthi iqembu lakhe lingadlulela kowandulela owamanqamu weCarling Knockout, ngokuguqisa iMamelodi Sundowns abazogadulisana nayo namuhla ngo-6 ebusuku eFNB Stadium, eNasrec.
UNabi ukusho lokhu ngokuzethemba ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ekomkhulu lePremier Soccer League (PSL) esithangamini nabezindaba lapho enabe khona ngomdlalo kanti amathikithi awo asedayiswe aphela.
Lo mqeqeshi waseTunisia, owalandelwa ukuzoqeda indlala yezinkomishi ebhuqa Amakhosi ukhuluma ngokuzethemba kanjena nje, kufanele ngoba iChiefs isanda kushubisela iSundowns koweBetway Premiership enkundleni efanayo.
Kuze kube yinamuhla kusenabalandeli beChiefs abasenegqubu ngenxa yendlela iSundowns eyawunqoba ngayo ngo 2-1 lo mdlalo owawungoSeptember 28.
Izinqumo zonondweba zangalelo langa zasusa imvunge ikakhulu kwabaxhumene neChiefs ababekhala ngokufakwa umunwe esweni ngokuphikelwa igoli okwakuzoba elokulinganisa lika-Inacio Miguel, alishaya seliyoshona.
“Engikukhulekelayo ukuthi umdlalo ufane nalo esiwudlale neSundowns kwiligi ngoba ushiye abalandeli bebhola laseNingizimu Afrika benelisekile,” kusho uNabi.
“Womabili amaqembu akhombisa iqophelo eliphezulu futhi kwakusobala ukuthi womabili aqeqeshwa ngendlela efanele neqondile. Akuphikiwe ukuthi iSundowns ibibalwa namanye amaqembu aphambili e-Afrika, eminyakeni edlule kodwa lokhu akuwucishi umlando nesithunzi seChiefs.
“Siya emdlalweni ngeqholo lokwazi ukuthi uma sikwenza ngendlela konke okufanele sikwenze ukuze sizozithola sikowandulela owamanqamu. Asiwangabazi amandla ethu,” kusho uNabi.
Yize umqeqeshi ekhuluma sakuphaka impi, ngaphambi kwendumezulu yomdlalo okungangatshazwa ukuthi uzodla ngokushuba nokukhanga, iChiefs iya kuwona isuka endukwini yeSuperSport United nokucazelana ngamaphuzu neMagesi FC ngokwahlukana.
Umlando omfushane weChiefs neSundowns emiqhudelwaneni yePSL:
*Emidlalweni engu-30 edlule kubhekene iChiefs neSundowns kowenkomishi yePSL eyisishiyagalombili iye emaphenathini.
*Kuleyo yamaphenathi iChiefs inqobe eyisithupha.
*Bazobe behlangana okwesishiyagalolunye kwiCarling (Telkom Knockout).
*Umlando uvuna iChiefs esinqobe eyisithupha yayo.
*Ngo-2009/2010 indlela yeChiefs ebheke esicocweni seCarling (Telkom Knockout) yadlula kwiSundowns.