U-OUPA Manyisa, owayeyinjini ye-Orlando Pirates, ucebisa u-Andile Jali ngokuthi akakhohlwe yindaba yeBafana Bafana ngoba umqeqeshi wayo akamdingi.
UManyisa ungumngani omkhulu kaJali kusukela besayibamba bobabili enkabeni yenkundla kweZimnyama. Bawine izindebe eziyisithupha kumasizini amabili elandelana phakathi kuka-2010 no-2012. UJali, osegijima kwiMamelodi Sundowns, ukhalelwa ngabaningi eqenjini lesizwe ngenxa yezinga alikhombisayo kwiDStv Premiership. Nokho umqeqeshi, uHugo Broos, akagudluki ekutheni ngeke amfake uJali esikwatini.
"UJali ngumngani wami futhi siyakhuluma kakhulu naye. Ngimtshelile ukuthi lento siyinikwe nguNkulunkulu futhi nguyena oyosiphuca yona, akekho omunye. Ngimtshelile ukuthi akaqhubeke enze adume ngakho. Ngithe kuyena akaqhubeke adlale ngendlela adlala ngayo, akhohlwe yindaba yeBafana Bafana. Vele ubuya kuyona. Iminyaka isamvumela kodwa abaqeqeshi ababoni ngendlela efanayo. Akaqhubeke adlale eqenjini lakhe ngoba bayamdlalisa. Ezinye izinto azishiye phansi," kusho uManyisa oseyibamba kwiPolokwane City Rovers kwiMotsepe Foundation Championship.
UJali ubekade esenkingeni efanayo nozakwabo kwiSundowns, uThemba Zwane. Nokho uBroos ugcine emfakile esikwatini uZwane futhi akawuvali umlomo ngaye. UZwane ubekhona esikwatini sikaBroos esidlale neMozambique ne-Angola emidlalweni yobungani ngesonto eledlule.
UJali, obekade eseyibamba eBelgium, ubuye eMzansi wawina izindebe ezahlukene neSundowns ezidlela amahlanga kwiligi yakuleli.
UManyisa ukholwa wukuthi iPirates inalo ithuba lokuqeda ukukhonya kweSundowns kwiDStv Premiership kule sizini. Ngaphansi komqeqeshi uJose Riveiro waseSpain, iPirates ibuyise ithemba kubalandeli ngokuwina indebe yeMTN8.
"IPirates inakho konke ekudingayo ukugudluza iSundowns. Into okumele yenzeke kubadlali wukubumbana, badlalele iqembu. Konke kuzolunga. Ngiyababona sebehlangene, iqembu selihlangene kakhulu. Kule sizini iSundowns ingawina kuphela uma amanye amaqembu eyidedela. Kufanele ayiphosele inselelo, engasali ngemuva," kusho uManyisa.