USANETHEMBA lokuthi iqembu lakhe ngeke lilubhade emidlalweni yokuhlungela ukugijima kwiDStv Premiership ngesizini ezayo umqeqeshi weRoyal AM, uJohn Maduka nakuba esevuma ukuthi lisengozini.
IThwihli Thwahla iphinde yahluleka ukucosha amaphuzu ngesikhathi iguqiswa yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 eHarry Gwala Stadium ngoLwesibili.
Bekungokwesibili kulandelana iqembu likaMaduka libhekana nompetha njengoba bebedlale nabo ngempelasonto eLucas Moripe Stadium, banqotshwa ngo 1-0.
Ukuhlulwa kwe-AM imidlalo eyisihlanu yeligi ilandelana sekuholele ekutheni yehlele edaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu angu-29 emidlalweni engu-28.
Ingaphambili ngamaphuzu amabili eqenjini elisendaweni ka-15, iRichards Bay FC, okuyiyona ebukeka ibheke kuma-playoff okwamanje.
Njengoba izinto zimi kanjena lokhu kuqinisekisa ukuthi iqembu elilodwa laKwaZulu-Natal lizodlala kweyokuhlunga, okungasho ukuphumelela libuyele esigabeni esiphezulu okanye ligawulwe yizembe uma likhala ngaphansi.
Uma iRoyal AM neBay bengayinqoba imidlalo yabo esele bese iMoroka Swallows (enawu-32) ihlulwa nazo Izinyoni zingazithola zisobishini.
UMaduka uthe bazokwenza konke okusemandleni emidlalweni esele ukuthi bagweme ukwehla futhi kwi-log.
"Akulula ngoba sithembele esibalweni esincane sabadlali futhi esihlanganise abadlali abangajwayele ukudlala imidlalo eminingi ngesizini. Njengoba isizini isizophela sebedonsa kanzima ngoba sekukhona ukukhathala," usho kanje lo mqeqeshi ngemuva komdlalo weSundowns.
"Akukho okutheni esingakwenza kodwa kufanele siqhubeke nokuba nethemba lokuthi ngeke siye kweyokuhlunga. Yinto abadlali asebevele beqalile ukukhuluma ngayo `ukuthi abafuni ukuzithola bekuleso simo.
"Kuba wumsebenzi onzima kakhulu. ISpurs akulona iqembu elibhedayo kodwa sibonile ukuthi lithwale kanzima kanjani kwiPremiership."
IThwihli Thwahla isizobhekana neChippa United eHarry Gwala Stadium kusasa ngo-3 ntambama, ngaphambi kokusonga isizini ngokudlala neMoroka Swallows ekuhambeni ngempelasonto ezayo. IBay izobe ivakashele iCape Town City eDHL Cape Town Stadium kusasa ngo-3 ntambama.
UMaduka uthe uma bengaphendula amatafula kule midlalo bazokwazi ukuzitakula obishini abazifake kulona.
Leli qembu lagcina ukunqoba umdlalo ngo-Ephreli 7, liguqisa iPolokwane city ngo 3-2.
"Sisanethemba ngoba konke kusasezandleni zethu ngoba sisazodlala imidlalo emibili. Siyazi ukuthi kuzoba yimidlalo enzima njengoba sizobhekana neChippa ekhaya kodwa wumdlalo okufanele siwunqobe,” uqhube kanje.
“Asikwazi ukuthembela kwamanye amaqembu `ukuthi asihlenge, kumele sizitakule thina. Njengoba ngishilo phambilini, iRichards Bay sisayishiya ngamaphuzu amabili futhi sisanemidlalo emibili esizoyidlala. Konke kusancike kithina."
Ngesikhathi i-AM ibhekene neChilli Boyz ekuhambeni ngo-Agasti yawunqoba lowo mdlalo ngo 3-2. Umdlalo wayo wakamuva neSwallows owawungoDisemba nyakenye waphela zibambene ngo 0-0.