UKUQINISA ikhanda komqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngokusheshe adedele abadlali beMamelodi Sundowns abasesikwatini sakhe akuliphazamisi itulo, likaClinton Larsen, lokuphinda imbedumehlwana yango-2012.
IMagesi FC eqeqeshwa nguLarsen, neSundowns kaManqoba “TV” Mngqithi, bazobanga isicoco seCarling Knockout esihamba nentshontsho lika-R6.6 million ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eToyota Stadium, eFree State.
ULarsen owaphoxa iSundowns emqhudelwaneni ofanayo esaqeqesha iBloemfontein Celtic, usabizwa ngeTelkom Knockout ngo-2012, utshele Isolezwe ukuthi uphupha ngokuwuphinda lo mphumela owambeka kwibalazwe ekuqeqesheni eNingizmu Afrika.
Umqeqeshi uMngqithi uke wakhononda ngokuthi abadlali bakhe okugqqishwe iBafana ngabo ngeke balithole ithuba elanele lokuphumula ngaphambi kowamanqamu.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngasekuqaleni kwesonto uBroos ukuchithile ukuthi uzobadedela ngokushesha abadlali beSundowns.
“Bangabadlali beBafana kuze kube kuphela isikhathi esikalelwe ikhefu lemidlalo yeFifa bese kuba yima beba ngabadlali beSundowns,” kusho uBroos.
IBafana idlale owokugcina wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoLwesibili eKapa.
ULarsen uthe izinhlelo zakhe zisamile noma ngabe kwenzakalani ngabadlali beSundowns abebekwiBafana.
“Okungikhuthazayo ukuthi ngiyazi ukuthi nginawo amava okwehlula iSundowns ngeqembu elinganikwe lutho njengoba ngenza eThekwini eminyakeni edlule,” kusho uLarsen.
“Asikungabazi ukuthi wonke umuntu wazi ukuthi siphelekezele iSundowns eFree State kodwa lokhu yikhona kanye esikudingayo ngoba ngaphandle kwakho singaba senkingeni.
“Ngeke simelane neSundowns ngokohlobo lwabadlali kodwa ngokomfutho angingabazi ukuthi singabamela ngisho ngabe basebenzisa muphi umdlali.
“Akusho lutho ukunqaba kukaBroos ukudedela abadlali beSundowns singakafiki isikhathi ngoba besivele sihlelela ukubhekana nelinye lamaqembu angcono e-Afrika.
“Ukwazi ukuthi ngenzani ngo-2012 kwenza ngibe nethemba lokuthi ngingayiphinda le mbedumehlwana.
“Okumqoka ukuthi konke esikwenza osukwini kube okungcono kunakho konke esake sakwenza kwazise kufana nokuthi sidlala neqembu elilale isithathu e-Afrika(iBafana) ngoJanuwari,” kusho uLarsen.