UKUBHEKANA neKaizer Chiefs esematheni ngezindaba ezimbi kumfaka amanzi emadolweni uClinton Larsen, oqeqesha iMagesi FC, ezodudulana naMakhosi kwiBetway Premiership ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Lokhu kushiwo uLarsen ngesikhathi edlana indlebe kafushane neSolezwe izolo ntambama, ngokwamukela iChiefs esuka endukwini ka 1-0 obuvela kwezikaGavin Hunt, iSuperSport United. IChiefs ibisihlulwa okwesibili kulandelana emidlalweni yeligi njengoba yayigcine ishaywe yiMamelodi Sundowns kwiPremiership.
Ukuguqiswa yiSuperSport kweChiefs koweligi ngoMgqibelo odlule, kuyibuyisele kwamhlaba kwazise abaxhumene nayo bahambela phezulu kusukela kuqale umqeqeshi waseTunisia, uNasreddine Nabi.
Amakhosi aphoxwa iSuperSport nje, iMagesi okuyizinyanga zayo zokuqala esigabeni esikhulu, imangaze abaningi ngesikhathi ikhipha i-Orlando Pirates kwiCarling Knockout emasontweni amabili edlule.
Ngaphandle kwale wini yeCarling eyenze iMagesi undabamlonyeni ebholeni laseNingizimu Afrika, ezikaLarsen ziyiqale kahle isizini okufakazelwa iwini yazo eyodwa eziyithole ekuhambeni zibhekene neLamontville Golden Arrows.
IMagesi ithole induku kwemibili yase idlala ngokulingana kweminye emibili kweyayo yokuqala emihlanu kwiPremiership. Ngempelasonto edlule ikwazile ukubuya nephuzu ibambana ngo 0-0 neCape Town City ekuhambeni.
“Siqale kahle, nokuzethemba kuya ngokuya kuyakhula ngenxa yemiphumela encomekayo kodwa kungishayisa ngovalo ukubhekana neChiefs abayigcona ngomphumela weSuperSport,” kusho uLarsen izolo.
“Iyingozi iChiefs esizoyamukela ngoba izobe ingazidlaleli yona kuphela kepha nalaba abahlale beyigcona izobe ifuna ukubavala umlomo.
“Simelwe umdlalo ozobanzima cishe kunayo yonke kule sizini ngoba abaningi sebeyasazi. Lokhu kuzokwenza ukuthi bonke baqinise nakakhulu uma bezobhekana nathi.
“Okuhle ngesikwati sami ukuthi wonke umdlali uyawazi umsebenzi wakhe futhi siyaqonda ukuthi amaqembu amaningi ngeke sikwazi ukumelana nawo ngokwezikwati.
“Sizokwenza lokhu esingakwenza kwiChiefs. Asingabazi ukuthi izofuna ukujika izinhlanhla ngathi iqale inombele nakwi-log,” kusho uLarsen.
Kuzobe kungokokuqala emlandweni iChiefs ibhekana neMagesi.
IChiefs esendaweni yesishiyagalolunye kwi-log, izofika kulo mdlalo ifuthelana kwazise izobe isuka endukwini eyiphendule inhlekisa.
Umqoka lo mdlalo kuNabi ngoba iChiefs izosuka kuwona ibhekane neMamelodi Sundowns kwiCarling ngoMgqibelo.
Imidlalo yeBetway Premiership kuleli sonto:
Namuhla - Ngo-7.30pm: AmaZulu FC v Chippa United (Moses Mabhida Stadium); Sekhukhune United v Richards Bay (Peter Mokaba Stadium); TS Galaxy v Orlando Pirates (Mbombela Stadium).
Kusasa - Ngo-7.30pm: Golden Arrows v SuperSport United (Mpumalanga Stadium); Magesi v Kaizer Chiefs (Peter Mokaba Stadium); Mamelodi Sundowns v Cape Town City (Loftus Versfeld).