USAZIMISELE ngokuqhubeka nokudlala yize engenaqembu selokhu ahlukana neKaizer Chiefs ekupheleni kwesizini ka-2023/24, unozinti u-Itumeleng Khune.
Lo nozinti (37) uthe kubenzima ukwamukela ukuthi iqembu aqala ukudlala kulona esengumfana ngeke lisakwazi ukumgcina njengomdlali. Yize Amakhosi ezamile ukumgcina njengenxusa kodwa ubengakulungele ukuthatha isinqumo sokuwagaxa emgibeni amakhokho.
“Amasonto okuqala ngemuva kokuba nomhlangano neqembu ayenzima ngoba kwakungelula kimina ukwamukela lezo zindaba. Kwakungaphumeki nasembhedeni cishe amasonto amabili, ngikhala zonke izinsuku, ngingaqondi ukuthi kwenzekani,” kusho uKhune kwabezindaba ngesonto eledlule, ngesikhathi ethulwa ngengomunye wabanamasheya enkampanini yokugembula, iTopbet.
“Iqembu langihlonipha ngoba langihlalisa phansi, langichazela ngezinhlelo zalo, nokuthi angikho kuzona njengomdlali. Angizange ngikholwe ngoba inhloso yami kwakungukudlala ngize ngibe neminyaka engaphezu kuka-40.
“Ngisenalo ithemba kodwa futhi awukwazi ukulawula inhliziyo. Kwesinye isikhathi ngizizwa sengathi ngingabuyela enkundleni kusasa ngiyodlala. Ngelinye ilanga ngivuka umzimba ubuhlungu wonke ngibone ukuthi kulungile njengoba ngingadlali.
“Ugqozi nothando lomdlalo lusekhona. Ngicabanga ukuthi ngisengenza lukhulu uma nginganikwa ithuba. Uma umdlali ofana noDenis Onyango esadlala ekubeni engishiya ngeminyaka emibili, yini engangivimba?“
Ngesonto eledlule uKhune umenyezelwe njengomunye wabaphathi benkampani yokubheja, iTopBet, okuvezwe ukuthi unamasheya kuyona. Uthe usazoqhubeka nokubheka izinto ezahlukene yize engakaliphonsi ithawula ngokuphinde adlale ezingeni eliphezulu.
“Ngacela isikhathi sokucabanga bese ngibuyela eqenjini (iChiefs) ngiyolitshela isinqumo sami kodwa kuze kube namuhla angikabi nayo impendulo eqondile. Nokho, ngiyajabula ukuthi akhona amanye amathuba aqhamukayo futhi engingeke ngiwanqabe,” uqhube kanje uKhune, obuye ehlaziye imidlalo yebhola kwi-SABC.
“Ngifuna ukukhula njengomuntu, njengomdlali webhola noma njengosomabhizinisi. Kade ngaqala ukungena kwezamabhizinisi. Ngaqala ukuthenga izindlu nezakhiwo ngisanda kuqala ukudlala ibhola. Ngeke ngikwazi ukusho ukuthi zingaki izakhiwo enginazo kodwa ngiyaziqhenya ngalokhu enginakho.”
UKhune uveze ukuthi yize esehlale izinyanga engenalo iqembu kodwa usaqhubeka nokuzivocavoca aphinde adlale i-indoor soccer ukuze azigcine esesimweni esihle.