BAVULELANE izifuba ngamaphutha abawenze ngabodwana emidlalweni yeCarling Knockout neCaf Champions League ngokwahlukana abadlali beMamelodi Sundowns ebuyela kwiBetway Premiership ngokwamukela iSekhukhune United kusasa ngo-8 ebusuku eLoftus Versveld.
Lokhu kuvele ngomlomo wesitobha seSundowns, uGrant Kekaka, ebesikhuluma nethimba layo labezindaba ngamalungiselelo eSekhukhune.
Ngokusho kukaKekana isimo asisihle ekhempini yeSundowns kulandela ukushaywa kwayo iMagesi FC kowamanqamu weCarling nokuqala iChampions League ngakuchaze njengokulahla amaphuzu amqoka bebhekene ne-AS Maniema Union yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) ku-Group B.
ISundowns ikhale ngaphansi ngo 2-1 kwiMagesi kwadlula izinsuku ezimbalwa yacazelana ngamaphuzu neManiema kuba wu-0-0 ePitoli.
UKekana uyakwamukela ukuthi iSundowns izizwa ngale ndlela nje kungenxa yezenzo zayo kodwa akangabazi ukuthi banawo amava okubuyisa ukuzethemba ngeSekhukhune yize beyihlonipha.
“Ngeke ngikufihle ukuthi imiphumela yowamanqamu kanjalo nowesiqalo seChampions League isishiye sikhungathekile,” kusho uKekana.
“Okuhle ngathi ukuthi asinqeni ukuvulelana izifuba ngamaphutha ethu ngoba okusobala ukuthi kule midlalo yomibili kukhona esingakwenzanga ngendlela.
“Sihlale phansi salungisana ngamaphutha esiwenze ngabodwana kule midlalo edlule ngenhloso yokukhuphula ukuzethemba nokugwema ukuwaphinda.
“Siyiqembu elikhulu ngakho-ke indlela esivuka ngayo uma sikade siqhuzukile iyona okufanele sikhombise ngayo,” kuqhuba yena.
UKekana ulindele iSekhukhune evuthayo ngoba wonke amaqembu abhukula kakhulu uma ebavakashele kodwa nokuhlulwa kwayo (i-TS Galaxy) emdlalweni odlule kuyenza ibe yingozi.
“Banesikwati esiqinile nethimba labaqeqeshi eliseqophelweni eliphezulu ngakho-ke kubalulekile ukuthi sizilungiselele ngokugcwele ngoba uma singakwenzi lokho silengela eweni lokuqhubeka nokuphoxeka.
“Sibona lo mdlalo njengethuba lokubuyisa ukuzethemba njengoba isizini isingena kuvuthondaba ngokwahlukana kwemiqhudelwano esiseyingxenye yayo,” kusho yena.
UKekana ukhuluma kanjena nje, umqeqeshi wakhe, uManqoba Mngqithi, ulibona selihlangene iqembu lakhe.
“Sekufike lapho besisebenzela ukufika khona. Isizini yethu ima iqala ngakho-ke wonke amaqembu azobhekana nathi kunoma imuphi umqhudelwano awazibambe ziqine,” kusho uMngqithi.