NGOKUSHO kukaPablo Franco Martin ocija AmaZulu FC, izinqumo zikanompempe zibe nomthelela emdlalweni ngesikhathi bekhishwa yiTS Galaxy ngo 3-2 kowandulela owamanqamu eCarling Black Label Knockout eMoses Mabhida Stadium ngeSonto ntambama.
Kulo mdlalo iRockets ihambe phambili ngomzuzu wesibili ngegoli likaLehlohonolo Mojela kwayiwa ekhefini isihamba phambili ngo 2-0 kulandela iphenathi eshaywe uHigor Vidal.
Usuthu lubuyile maphakathi nesiwombe sesibili ngegoli lika-Augustine Kwem kodwa izinto zaphinde zalubhedela ngesikhathi uSamir Nurkovic eshayela izivakashi igoli lesithathu. Iqembu likaFranco Martin lithole elinye igoli elishaywe uJunior Dion ngesikhathi esengezwe ngunompempe kodwa ilanga bese lizishonele.
Lo mqeqeshi oteketiswa ngegama likaCijimpi, ukholwa wukuthi iGalaxy bekungafanele iyithole iphenathi njengoba unozinti wakhe, uVeli Mothwa, engamdlalisanga kabi uMojela ebhokisini. Kunalokho, ubone ezakhe zincishwe iphenathi ngesikhathi omunye wabadlali beRockets ebamba ibhola ngesandla esebhokisini ngesiwombe sesibili.
“Sidumele ngoba sonke besifuna ukudlala kowamanqamu, sibe nomqhudelwano omuhle. Asizange sidlale umdlalo osezingeni lethu kodwa okunye okwenze sahluleka ukungena kowamanqamu yizimo nezinqumo ebesingeke sikwazi ukuzilawula. Kumele siyibongele iTS Galaxy,” kusho lo mqeqeshi.
“Ngiphoxekile ngomdlalo. Besinenqwaba yamathuba ebesingawasebenzisa kangcono kodwa umdlalo awunqotshwa ngalokho kuphela, kufanele uvimbe nezitha ukuthi ziwangashayi amagoli.
“Kulula kakhulu ukuvikela uVeli ngoba angicabangi ukuthi udale iphenathi, unompempe nje ocabange kanjalo nokungenzeka ukuthi wenze iphutha. Uphinde wangasinika iphenathi ecacile ngesikhathi kukhona obamba ibhola ngesandla ebhokisini. Esikhundleni sokuthi sihlulwe ngo 3-2 bekungenzeka sinqobe umdlalo ngo 3-2.”
Umdlalo olandelayo woSuthu kuzoba oweDStv Premiership neMamelodi Sundowns ozodlalelwa eKing Zwelithini Stadium kusasa ngo-7.30 ebusuku. Luzophinde ludlale eminye emithathu ekhaya neSekhukhune United, Cape Town Spurs neRoyal AM ngaphambi kokuphela konyaka.
UCijimpi unethemba lokuthi bazowathola amaphuzu abawadingayo kule midlalo ukuze bathi ukukhuphuka kwi-log, basuke endaweni ka-11 lapho behleli khona ngamaphuzu angu-15 emidlalweni engu-12.
“Okuhle wukuthi umdlalo olandelayo useduze. Kumele silulame ngokushesha ngokomqondo nangokomzimba njengoba sizobhekana neSundowns. Kubuhlungu ukuthi sizodlalela ekhaya kodwa hhayi enkundleni yethu. Ngiyaqonda ngoba okwamanje ayikho esimeni esigculisayo. Inkinga wukuthi ngeke sibe nesikhathi esiningi sokuzilungiselela siphinde sishintshe nabanye abadlali,” uqhube kanje.
"Uma sifuna ukuzuza ngaphezu kwalokhu esikuzuzile ngesizini edlule kufanele silwe, silinde newindi lokudayiselana ngabadlali ngoJanuwari ukuze sithole abadlali abazosiza iqembu. Inhloso yethu ukubeka iqembu ezingeni elingcono. Uma singanqoba imidlalo embalwa, sihlanganise okungenani amaphuzu angu-20 ekupheleni konyaka, sizoba sendaweni engcono,“ kusho uCijimpi.