ONGUMDLALI wasesiswini kwiPolokwane City, uBonginkosi “Mhlonishwa” Dlamini, ukuthatha njengenhlanhla engandele bani ukuthola ithuba lokudlala esigabeni seBetway Premiership esecabanga ukukhohlwa yibhola.
UDlamini (27), odabuka eMhlongo Farm eVryheid, ubekwiPlatinum City Rovers egawulwe yizembe kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule.
Lo mdlali, odlala ohlangothini lwesokudla esiswini, ubesesikimini esiqale umdlalo iPolokwane idlala neMamelodi Sundowns emdlalweni wama-quarterfinal eMTN8, abahlulwa kuwona ngo 1-0 emasontweni amabili edlule.
Uthe ngemuva kokuphothula u-matric wabhekisa amabombo eGoli ukuyobheka amatoho kodwa eqhubeka nokudlala ibhola leziteki.
“SengiseGoli ngokwamatoho, ngilandwe ngabaphathi beDrakensberg FC yaseMnambithi edlala kwi-ABC Motsepe League ngenxa yokwazi kwabo amagalelo ami ebholeni leziteki.
Ngabhaliswa njengomdlali weDrakensberg yize ngangingajimi nayo ngihlala eGoli, abaphathi bengifakela imali ngize emidlalweni yeqembu, ngemuva kwemidlalo ngigitsheliswe ngibuyele eGoli,” kulandisa uDlamini.
“Nokho ngokubona ukuthi ibhola lama-amesha neleziteki alingisi ndawo ngokwezidingo zami, ngabe sengithatha isinqumo sokuthi ngiliyeke ibhola ngigxile ngokuphelele ekubambeni amatoho. Langalimbe sengizitshelile ukuthi ngihlukene nebhola sengidayise namakhokho okudlala, kwaqhamuka uKhethokwakhe Masuku (owake wadlala kwi-Orlando Pirates) ebengidlala naye iziteki, wathi kimi angiyozama inhlanhla kwiPlatinum City Rovers edlala kwiMotsepe Championship.
“Ngayiswa nguye uMasuku kwiCity Rovers, yahlabeka umxhwele ngami, ayangachitha sikhathi yangisayinisa, ngaqala kanjalo-ke ukudlala esigabeni esikhokhelayo ngesizini ka-2022/2023.
Nokho ngenkathi idliwa yizembe ngesizini edlule iCity Rovers, ngisale ngikhungathekile nabanye ozakwethu ebengidlala nabo eqenjini futhi bengingazimisele ngokuyodlala kwiMotsepe League.”
Uqhube wathi ngemuva kokuba esezame inhlanhla kwamanye amaqembu amabili ePremiership kungalungi, ube eseziqhubekela nokuzidlalela iziteki esezitshelile futhi ukuthi uyaliyeka ibhola.
“Ngithe ngisadlala kwesinye isiteki eSoweto, i-DStv eKasi Champ of Champs, ngoJulayi, ngipikwe yiqembu laseNewcastle ngabe sengifonelwa abePolokwane City bethi angibuye ngizozama inhlanhla, nebala lachazeka ithimba labaqeqeshi bePolokwane bangisayinisa.
Lokhu kusho lukhulu kimina, ngibonga uMdali ngaleli thuba engilitholile ngoba esikhathini esedlule besengisikaze kaningi ukuyeka ibhola.
Esengizimisele ngakho manje wukulwela ukuthola ijezi esikimini esiqala imidlalo njengoba ngikwazile ukuba sesikimini esiqalile sidlala neSundowns kwiMTN8.
Ukufika kwami kulesi sigaba sePremiership kusho ukusebenza ngokuzikhandla kakhulu kunakuqala, ngigcine ngifezekise iphupho lami leminyaka lokudlala eqenjini lesizwe, iBafana Bafana.”
IRise and Shine izovula isizini ka-2024/2025 yeBetway Premiership ngomdlalo wasekhaya ngokubhekana naMaZulu FC e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoSepthemba 14.