UMQEQESHI weDurban City, uSimo Dladla, uncome ukuvuthwa namava akhonjiswe ngabadlali bakhe bebhaxabula iHungry Lions ngo 4-2 emdlalweni weMotsepe Foundation Championship ngoLwesihlanu, eChatsworth Stadium, eThekwini.
ICity okuyiwe ekhefini ilandela emuva ngo 1-0, ngesiwombe sesibili ibuye isithelwe ngezibonkolo yahlohla amagoli amane okuyiwona egcine inqoba ngawo. Avalelwe phakathi nguBongumusa Nkosi, Samkelo Maseko, Ruzaigh Gamildien noJoslin Kamatuka.
Ukunqoba kweCity lo mdlalo kuyenze yaqhubeka nokuqhwakela kwi-log yeMotsepe Championship njengoba isahlezi phezulu ngamaphuzu angu-31 emidlalweni engu-15. Ilandelwa yi-Orbit College ngawu-28 emidlalweni elinganayo.
“Yize besithwalise kanzima ngesiwombe sokuqala ikakhulukazi emuva kwesokunxele odongeni lwethu lwasemuva kodwa izinguquko esizenzile ngesiwombe sesibili zisisebenzele ngenkathi sifaka uRuzaigh uKamatuka noBungumusa abangene benza omkhulu umehluko,” kusho uDladla.
“Ngingasho ngaphandle kokungabaza ukuthi abadlali bami bakhombise izimpawu zobuqhawe nokuvuthwa. Empeleni isipiliyoni sabadlali esinabo kuleli qembu lethu yisona esisebenzele kakhulu kulo mdlalo.”
Phezu kokuba iCity kubukeka iqhubeka nokuhlohla amagoli emidlalweni yayo futhi inabagadli abanamava, okubalwa uGamaldien noKamatuka, kodwa iyaqhubeka nokuqinisa isikwati njengoba iphinde yasayinisa abanye abagadli kuleli windi likaJanuwari lokuhwebelana nokubhalisa abadlali.
“Siyiqembu elikholelwa kakhulu ekuhlaseleleni, yingakho sidinga abadlali abadlala ngezindlela ezahlukene phambili.
Siyabadinga abagadli abanjengoMbhobho (Senzo Ndlovu) noBongumusa abazokwazi ukusinika okuhlukile phambili. Uma kuhambe kahle konke uMbhobho kuzofanela adlale emidlalweni yethu elandelayo,” kuqhuba uDladla.
UNdlovu osemabhukwini AmaZulu FC, ubolekiswe kwiCity kwazise ubeqiwa yijezi kuleli qembu lePremiership elimsayinise ngaphambi kokuqala kwesizini esuka kwiSinenkani FC edlala kwiSafa Eastern Cape ABC Motsepe League.
UDladla uqiisekisa ukuthi leli qembu selimsayinisile umgadli odabuka eGhana, uVictor Bakah osuka kwi-Upington City nomdlali wasesiswini uMphakamiseni Nene obekwiKruger United.
“Sibadinga kakhulu abadlali abanesipiliyoni. UNene wayeseqenjii leThanda Royal Zulu (engasekho) elakhushulelwa kwiPremiership (ngaphambi kokudayisela AmaZulu FC isitifiketi) kanjalo futhi noBakah wayeseqejnjini leRichards Bay FC elakhushulelwa kwiPremiership (ngesizini ka-2021/22).
Ngakho sidinga abadlali abanamava, abazoqinisa ukhakhayi laba abanye abasebancane esinabo ukusa iqembu phambili.”
ICity izoqala umzuliswano wesibili wesizini ngomdlalo wasekuhambeni ezowudlala neCasric Stars eSolomon Mahlangu Stadium, KwaMhlanga, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
Imiphumela yeMotsepe Foundation Championship:
Durban City 4-2 Hungry Lions; Cape Town Spurs 1-0 Casric Stars; JDR Stars 3-3 Baroka FC; Venda FC 2-0 Black Leopards; Leruma United 0-1 Orbit College