UMDLALI we-Orlando Pirates, osephenduke iqhawe iqembu lesizwe iBafana Bafana, uThalente Mbatha, unakho konke okudingekayo ukuze adlalele elinye lamaqembu aphezulu phesheya ngokusho kwabamvumbulula esemncane elokishini KwaMashu, uNkemelle noSello Ntsoane.
Lezi zelamani zaziyibambe eqenjini iKwaMashu All Stars elaligijima esigabeni sesithathu ebholeni lakuleli, i-ABC Motsepe League, ngesikhathi ziqala ukubona lo mdlali.
Ngokusho kwalezi zelamani, uSello nguyena owambona kuqala ezidlalela nabanye abafana emgwaqweni, wacela umfowabo (uNkemelle) ukuthi amubheke eseneminyaka engu-15.
“Umfowethu ongilamayo uyena owabona uThalente edlala emgwaqweni nabanye abafana. Ngenxa yokubelesela kwakhe ngagcina ngiyile ukuyobabuka laba bafana. Okwangidonsa kakhulu ngoThalente wukuthi wayemude kunabanye ekubeni emncane ngokweminyaka, nendlela ayelithinta ngayo ibhola.
“Ngabona ukuthi usekulungele ukudlala ibhola elihlelekile. Yilapho esaqala khona ukumlanda ukuthi azojoyina iqembu lethu. Saxhumana nothisha wakhe owayemdlalisa esikoleni futhi emthatha njengoyise (uTaariq Fredericks), sagcina sivumelene ukuthi azojima neqembu. Waqala ukudlala kwi-ABC Motsepe League eneminyaka elinganiselwa kwengu-16,” kusho uNkemelle owayedlalela i-African Wanderers eminyakeni edlule.
“UThalente simbona esezingeni labadlali baphesheya. Akusimangazi ukumbona enza lokhu akwenzayo naleli zinga asekulona njengamanje. Indlela adlala ngayo ayifani nale ongayilindela kumdlali okuthiwa uqhamuka KwaMashu. Izinto azenzayo zehlukile. Unawo umjiko kodwa ngeke ukunake lokho uma esenkundleni ngendlela agxila ngayo ekwenzeni izinto eziqondile futhi ezidingekayo. Konke akwenzayo kuyafana nalokhu okudingekayo emaqenjini aphesheya. Yingakho ngingangabazi ukuthi angafinyelela khona.
“Ngiyibukile imidlalo ayidlalile kwiPirates ngesikhathi ilungiselela isizini eSpain, ngabona ukuthi usekulungele ngempela ukudlala phesheya futhi uzogcina khona.”
“Kuyasijabulisa kakhulu ukubona indlela adlala ngayo, yize kukhona esike sithi kufanele athuthuke kukhona ngoba umdlali akufanele ame ezingeni elifanayo. Uma eqhubeka nokuziphatha kahle, angazikhukhumezi, asebenze kanzima, uzofika lapho efisa ukufika khona.”
USello owayengomunye wabagadli be-All Stars ababengalibheki ipali, uthe akamangali ukubona uMbatha edlondlobala.
“Sambona ukuthi uwumdlali odingakalayo ebholeni lamanje. Kwacaca esemncane ukuthi ungumdlali ohlukile. Into ayeyidinga wukuthola ithuba lokuzibonakalisa. Siyajabula ukuthi samnika lelo thuba futhi samtshela ukuthi uzohlala isikhathi esincane emazingeni aphansi bese eyakhuphuka. Siyaziqhenya njengoba esekwazi ukushayela iqembu lesizwe amagoli. Baningi abadlali asebedlule ezandleni zethu kodwa yena usekhuphukele ezingeni eliphezulu kakhulu. Impumelelo yakhe iyawukhuphula uMashu.
“Ngiyafisa ukumbona esegijima kwi-Uefa Champions League emaqenjini afana noManchester United, Real Madrid, Arsenal, kanjalo. Ithalente analo lingakwazi ukumfikisa lapho.”