UMGADLI weqembu lesizwe lebhola labesifazane, uJermaine Seoposenwe, uthi leli qembu lifanelwe ukuhlonishwa kakhulu futhi liphathwe ngendlela enobulungiswa ngenxa yalokhu elikuzuzile.
IBanyana Banyana idle isicoco seWomen's Africa Cup of Nations okokuqala ngqa ngonyaka odlule futhi yazibekisela indawo okwesibili eNdebeni yoMhlaba.
Uhambo lwabo lwesibili eNdebeni yoMhlaba eqhubekayo e-Australia naseNew Zealand, luphele ngesikhathi ishaywa yiNetherlands ngo 2-0 ngeSonto.
Nokho, bese iwuqophile umlando ngokuba yiqembu lokuqala lesizwe lakuleli ukudlula esigabeni samaqoqo eNdebeni yoMhlaba yebhola.
"Sibe nohambo olumangalisayo. Sithanda ukubonga ngokuseseka kulo mqhudelwano," kusho uSeoposenwe ekhasini lakhe kuTwitter.
“Ngiyazi ukuthi iqembu alihambanga ngendlela efanele ngesikhathi lilibhekise kweyoMhlaba kodwa ngiyethemba ukuthi bekubonakala endleleni ebesidlala ngayo ukuzimisela kwethu, ukuqina ngokomqondo nendlela esikuthanda ngayo ukudlalela abantu baseNingizimu Afrika.
"Into eliyifunayo leli qembu ukunenza niziqhenye ngalo kodwa nathi kufanele siphathwe ngendlela efanele, ngikholwa ukuthi kusifanele lokho. Ngiyazi ukuthi uma singesekwa futhi sihlonishwe leli qembu lingahamba ibanga elide."
IBanyana yahamba kuleli ngaphansi kwefu elimnyama kade itelekele inhlangano eyengamele ibhola, iSouth African Football Association, kubangwa indaba yamabhonasi. Leli qembu laze lagcina lingawudlalanga umdlalo “wokuvalelisa” neBotswana, okwagcina kuhlanganiswa iqembu labadlali abangaziwa ukuthi liyibambe nalabo makhelwane abase-Afrika eseNingizimu.
USeoposenwe ulimale esiwombeni sokuqala ngesikhathi bedlala neNetherlands ngempelasonto kwadingeka ukuthi akhishwe. Nokho uthe akukubi kakhulu futhi ulindele ukuthi abuye azodlala maduze.
"Kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika, ngiyabonga kakhulu ngezilokotho ezinhle. Angilimele kakhulu futhi ngizobuyela enkundleni kungekudala,” kusho uSeoposenwe.
"Ngiyaxolisa ukuthi angikwazanga ukudlala eminye imizuzu engu-90 kodwa lezi zinto ziyenzeka nokulimala kuyingxenye yalo mdlalo."
USeoposenwe ushintshe iqembu ngaphambi kokuqala kweNdebe yoMhlaba, eshiya iCF Juarez, wajoyina elinye iqembu laseMexico, iCF Monterrey. Wacashunwa ethi okumhlalisa kakhulu eMexico yithuba lokwenza imali engcono.