KULINDELEKE kuthi sinyuke isibalo isibalo sabadlali abazojoyina amaqembu amasha esigabeni esiphezulu sePremier Soccer League, iDStv Premiership, njengoba livulwe ngokusemthethweni ngoLwesibili iwindi lokubhalisa abadlali.
Amanye amaqembu asheshe aphumela obala mayelana nabadlali abadedelayo nangeke azivuselele izinkontileka zabo eziphele ngoJuni 30 kanti amanye aseqalile ukuthatha abadlali azoziqinisa ngabo ngesizini ka-2024/25.
I-Orlando Pirates idedele abadlali abayisithupha nokupende isithombe sokuthi isazosayinisa abasha ezohloma ngabo njengoba izobuyela emidlalweni yokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo eCaf Champions League.
Ezimnyama zidedele onozinti ababili, uRichard Ofori noSiyabonga Mpontshane, abasesiswini uThabang Monare noFortune Makaringe nabagadli uKermit Erasmus noSouaibou Marou.
Okwamanje zisamemezele umdlali oyedwa omusha, uDeivi Miguel Vieira (owaziwa ngelikaGilberto), osuka kwiPetro de Luanda, ogijima esiswini ngakwesokunxele nangakwesokudla.
AmaZulu FC ngelinye iqembu elashesha ukuphumela obala ngabadlali abangeke besabuya ngesizini ezayo. Usuthu ludedele isitobha uVeluyeke Zulu, owasesiswini uGeorge Maluleka nabagadli uVictor Letsoalo no-Augustine Kwem.
Kusazocaca ukuthi izikhala zabo zizovalwa ngobani, ikakhulukazi phambili kwazise umqeqeshi waleli qembu, uPablo Franco Martin, ukhale iqala yaze yayophela isizini ka-2023/24 ngokushodelwa abadlali abangalibheki ipali.
Elinye iqembu eseliqalile ukuvulela abadlali abasha izikhala yiKaizer Chiefs, esihlukene nabadlali basemuva uSifiso Hlanti noNjabulo Ngcobo, abasesiswini uSiyethemba Sithebe noKeagan Dolly, nomgadli u-Efmamjjasond Gonzalez, ebimbolekile.
Yize umqeqeshi omusha waMakhosi engakafiki kodwa sekusobala ukuthi leli qembu lizimisele ukubuya ngolunye unyawo ngesizini ezayo.
Omunye umdlali okubhekwe ukuthi avumbuke eqenjini elisha nguBongani Zungu, obegijima kwiMamelodi Sundowns, odalule ezinkundleni zokuxhumana emasontweni ambalwa edlule ukuthi uyayishiya. Izolo, iSundowns ikuqinisekisile ukuthi isihlukene naye, yengeza ngoBrian Onyango, Gaston Sirino noThabiso Kutumela obebolekiswe kwiCape Town City ngesizini edlule.
Njengoba amanye amaqembu ematasatasa ediliza, kukhona aseqalile ukwakha esebenzisa nabo abadlali abangasadingeki kwamanye amaqembu.
ICity isisayinise abahlanu okubalwa kubona nonozinti obegijima kwiMagesi FC, u-Elson Sithole.
Izinguquko eziningi eqenjini zizokwenzeka esiswini eqenjini lika-Eric Tinkler. Selihlome khona ngoHaashim Domingo obekwiRaja Casablanca, noFortune Makaringe odedelwe yiPirates.
Liphinde lathatha uKayden Francis ophuma kwiChippa United noLefa Aphane osuka kwiTzaneen United, egijima kwi-ABC Motsepe League eLimpopo.
ILamontville Golden Arrows isanda kumemezela ukuthi isayinise umdlali wasemuva, uKeagan Phillips, obegijima kwiMoroka Swallows.
Miningi imihlangano nezingxoxo ezizobanjwa ngezingcingo phakathi kwezikhulu zamaqembu, abaphethe izindaba zabadlali nezinhloli ezinyangeni ezizayo ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi lokuhwebelana ngoSepthemba.