UMQEQESHI weKaizer Chiefs kwiDStv Diski Challenge, uVela Khumalo, ukholwa wukuthi babahlomise ngokwanele abadlali abenyuselwe esikimini esikhulu ukuze bengaweli ogibeni olushabalalise ikusasa labaningi eNaturena.
IChiefs inyusele esikimini seDStv Premiership abadlali abayisithupha abebeseqenjini eliwine iDStv Diski Shield ngesizini edlule. Kuyiwe ekhefini leNdebe yoMhlaba sekwaziwa ukuthi ukaputeni uMduduzi Shabalala noSamkelo Zwane sebezoyibamba esikimini somqeqeshi u-Arthur Zwane. UKhumalo uveze ukuthi laba badlali bazojoyinwa ngumgadli uWandile Duba, Siyabonga Gumede, Aden McCarthy noPuso Dithejane.
Eminyakeni edlule baningi abadlali abanyuselwe esikimini esikhulu seChiefs kodwa kwashesha kwaphela ngabo ngenxa yokuhluleka ukuziphatha ngaphandle kwenkundla. Kulaba badlali kukhona uJabu Mahlangu noJunior Khanye. UMahlangu noKhanye sebeqwashisa abadlali abasebancane ngobungozi bokungaziphathi kahle uma ungumdlali webhola.
"Sisebenze kakhulu nabo ekutheni baqonde indlela yokuziphatha enkundleni nangaphandle. Kulokhu siqinise kakhulu ukuze iqembu lizovuna izithelo zokubakhulisa. Ngiyakholwa wukuthi bazokwazi ukumelana nodumo oluhambisana nokudlalela iKaizer Chiefs. Bazoba yisizukulwane esihlukile esinyuselwe esikimini esikhulu. Okunye okubalulekile wukuthi kufanele bakujwayele ukudlala ngaphansi kwabanye abaqeqeshi nakuba ngizohlala ngiseduzane kwabo. Banekhono elikhethekile. Esikwenzile ngabo nokuqhubekayo ngabo bonke abadlali kwiChiefs wukubakhulisa ngayo yonke into. Yibhola, yimpilo nangemfundo ukuze bezoba nekusasa eliqhakazile," kusho uKhumalo.
UZwane, oyibamba enkabeni yenkundla uyindodana ka-Eugene Zwane owayengumdlali we-Orlando Pirates. UMcCarthy udlala indawo eyayidlalwa nguyise uFabian kwiChiefs nakwiMamelodi Sundowns maphakathi emuva. Abalandeli beChiefs sebevele bayamazi uShabalala ongene esiwombeni sesibili, washaya igoli ngesikhathi iChiefs ibhekene neMaritzburg United. Kulindeleke ukuthi abadlali abanyuselwe esikimini esikhulu babonakale uma isibhekene neLamontville Golden Arrows kowePremiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoDisemba 31.
"Abantu bababaza ikhono likaMdu kodwa ngikholwa wukuthi bazomangala kakhulu uma bebona uDuba. Uyingozi kakhulu. Uzowashaya amagoli esikimini esikhulu. Ushaye amagoli amabili sidlala owobungani neSwallows ngoLwesihlanu. Kukhulu esisazokubona kuyena," kusho uKhumalo.