Mamelodi Sundowns (3) 4
TS Galaxy (1) 1
XOLILE MPISANE
IMamelodi Sundowns iphinde yalibuyisa igebe lamaphuzu angu-12 esicongweni seBetway Premiership ixebula iTS Galaxy ngo 4-1 emdlalweni weBetway Premiership eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, ngoMgqibelo ebusuku.
IPirates, edlale kuqala, izamile ukuzisondeza kumaBrazilian ngokuguqisa iCape Town City ngo 2-1, ngaphambi kokuthi leli qembu lasePitoli nalo liphume enkundleni namaphuzu agcwele.
U-Iqraam Rayners uvalele amagoli, amanye ashaywa nguPeter Shalulile, Iqraam Rayners noJayden Adams. Elokubika leleGalaxy liqhamuke kuSphiwe Mahlangu.
Iqembu likaMiguel Cardoso lisheshe lakhombisa ukuthi lizimisele ukubuyisa izinduku, kwazise iRockets isanda kuliqumba phansi ngo 1-0 koweligi eMbombela.
UShalulile ulibeke phakathi eseduze nepali kungakapheli nomzuzu umdlalo uqalile, uRayners wenza okufanayo ngomzuzu wesikhombisa.
IRockets iziphendulele ngegoli likaMahlangu ngomzuzu ka-10, kwala kancane ukuthi uDzenan Zajmovic athole elokulinganisa ngoka-17, kodwa laphuma eceleni kwepali.
Izinto ziphinde zajika ngomzuzu ka-26 ngesikhathi uVictor Letsoalo ekhishwa ngekhadi elibomvu kulandela ukudlalisa kabi uBathusi Aubaas.
Lo mdlali wasesiswini weSundowns, olimale ngaseqakaleni, akabange esaqhubeka nomdlalo, indawo yakhe yathathwa uTeboho Mokoena.
Kuthe sekusele imizuzu eyisikhombisa kuyiwe ekhefini u-Adams washayela iqembu lasekhaya igoli engamakiwe maphakathi ebhokisini.
Siphinde sakhala isitswebhu kusaphele imizuzu emithathu siqalile isiwombe sesibili ngesikhathi uRayners evalela igoli lakhe lesibili, kulandela umnyakazo obuqalwe nguThapelo Morena ngakwesokudla.
AmaSandawana asenamaphuzu angu-48 emidlalweni engu-18, a;andelwe yiPirates ngangu-36 emidlalweni engu-15.
IGalaxy isasendaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-25 emidlalweni engu-19.
EzikaCardoso zizobuyela ensimini ngoLwesithathu lapho zizotholana phezulu khona neSekhukhune United komunye weligi ePolokwane.
Olandelayo weRockets izowudlala neLamontville Golden Arrows eMbombela ngoMgqibelo.