KUZOQOPHEKA umlando emdlalweni wamanqamu e-2023 Fifa Women’s World Cup, kuhlangana iSpain ne-England, kwazise amaqembu womabili ayaqala ukuba kulesi sigaba ngamaqembu abesifazane.
Umdlalo wabo namhlanje ngo-12 emini e-Accor Stadium, enhlokodolobha yase-Australia, iSydney.
Izindaba ezinkulu kodwa ngezaseSydney kwazise womabili amazwe ahlangana khona, ayaqala ukufinyelela kweyamanqamu ngamaqembu abesifazane nje, womabili aseke asinqoba isicoco somhlaba ngawabesilisa.
I-England yiyo esidle kuqala isicoco somhlaba ngabesilisa lesi sicoco isithatha ngo-1966.
ISpain yona igile izimanga ngo-2010 iqopha umlando ngokunqoba indebe yokuqala nokuseyiyo yodwa esasingathwe e-Afrika kwazise ibidlalelwa eNingizimu Afrika.
Ukukhipha unyawo ngebhola elihle nabadlali beqophelo, kukhomba i-England kulo mdlalo waseSydney kodwa umlando uthanda ukutshekela ngaseSpain.
Kunento ebizwa ngeSouthern Hemisphere (umhlaba osemazansi kwenkaba yomhlaba) nokuyiyo engathimbisela amaphanta ngabesifazane baseSpain.
INingizimu Afrika nayo ikulelo bala elingezansi kwenkaba yomhlaba kanti amadoda aseSpain, yilapho ebuse khona umhlaba okokuqala ngqa.
Nabo njengeqembu labesifazane, ngo-2010 begila izimanga bebedlala ngeqembu elakhiwe ngomgogodla wabadlali beBarcelona yodumo.
Kungokufanayo namanje kwazise isixhanti esikhulu sabadlali abakuleli qembu, ngabayo iBarcelona yabesifazane futhi engathintwa yinoma ngubani e-Europe.
Kumqoka ukubalula ukuthi iSpain idlala okwesithathu kweyomhlaba kwazise ibingelele ngo-2015.
Bayaqala ukufinyelela kuma-quarterfinal, ama-semifinal, ingasaphathwa eyamanqamu.
Konke lokhu, kufanele kwelekelele amaphanta ekuthatheni isikhombise, ngaphezu kokugaba ngabadlali asebedlale ndawonye isikhathi eside, kukhulunywa ngeqembu elinenqwaba yabadlali abanqobe izicoco ndawonye.
Iningi lalaba badlali linqobe umqhudelwano we-U/17 Women’s World Cup ngo-2018 nango-2022.
Baphinde banqoba ne-U/20 Women’s World Cup ngo-2022 kanti iBarcelona isinqobe i-UEFA Champions League kabili eminyakeni emithathu edlule ekubeni izigwazela ibhece kwiPrimera División (iligi yabesifazane yaseSpain)
USalma Paralluelo (19), oshaye amagoli adlulisele iSpain kuma-semifinal nakowamanqamu, uyingxenye yakho konkhe lokhu.
Nokho-ke, namaNgisi, aqine ngaphezu kweSpain ngoba anabadlali abaqavile abadlala emiqhudelwaneni emikhulu emhlabeni abanjengo-Ella Toone.