UKARIM Benzema weFrance ukulimala kwakhe okushiye abaningi beshaqekile okwenzeke eziqeqesha naleli qembu lesizwe ngoMgqibelo, uzoba umdlali wokuqala eminyakeni engu-44 ukweqiwa iNdebe yoMhlaba ekubeni ephethe isicoco somdlali ovelele emhlabeni, iBallon d’Or.
Ompetha bomhlaba abavele bayaxhuga kulandela ukuya kwabo eQatar ngaphandle kwezithenjwa ezingoN’Golo Kante noPaul Pogba, balinyalelwa uBenzema nje, noChristopher Nkunku, usephindele ekhaya ngenxa yakho ukulimala okwenzeke ngeledlule.
Kuzobe kuqala eminyakeni engu-44 ukuthi umdlali owine iBallon d’Or, eqiwe iNdebe yoMhlaba okuyinto eyagcina ukwenza emqhudelwaneni wango-1978 owawuse-Argentina.
UKevin Keagan wase-England uyena owayeqokiwe kodwa izwe lakhe lahluleka ukuzifaka kulo mqhudelwano, owanqotshwa i-Argentina (ebhekiwe nakulokhu eQatar).
UBenzema udonseke umsipha ethangeni iFrance iziqeqesha ngoMgqibelo ekuseni. Ngosuku aklonyeliswe ngalo iBallon d’Or ezinyangeni ezedlule wathi, asekubhekile ukuba sesikwatini esiya eQatar.
Lo mgadli weReal Madrid oneminyaka engu-34 ubudala ulimala nje, wayengekho koweNdebe yoMhlaba eRussia ngesikhathi iFrance idla isicoco ngo-2018.
Ngaleso sikhathi wasala ngaphandle ngenxa yezinsolo zokubophela omunye uzakwabo uzungu, kodwa inkantolo yagcina imkhiphe phambilini kuzona.
NakwiNdebe yoMhlaba yango-2010, eNingizimu Afrika, uBenzema wayengekho ngemuva kokushiywa ngaphandle esikwatini yize ayesefomini.
Lokhu kulimala okushaqise abaningi ngenxa yabadlali abanegama asebemenyezelwe ukuthi ngeke babekhona eQatar ngenxa yokulimala, kuqinisekiswe ithimba labezindaba leqembu lesizwe laseFrance emakhasini alo ezokuxhumana.
“UKarim Benzema usephumile esikwatini seNdebe yoMhlaba esiseQatar ngenxa yokulimala ethangeni. Iqembu lonke liyazi ukuthi uphoxeke kangakanani uBenzema ngalokhu.
“Sinaye ngokomoya futhi simfisela ukululama okusheshayo,” kubhalwe kanje kwi-@FrenchTeam okuyikhasi laleli qembu lesizwe lika-twitter.
UBenzema ujoyina uSadio Mane weSenegal noReece James we-England okungabadlali obekubhekwe ukuba bahole amazwe abo kodwa bavinjwa ukulimala okwahlukene.