UMQEQESHI weHollywoodbets Sharks, uJohn Plumtree ubona umdlalo wangempelasonto we-United Rugby Championship neScarlets yaseWales ube wusizo njengoba ezakhe zilungiselela ukubhekana neClermont Auvergne kowandulela owamanqamu eChallenge Cup.
ISharks ibuyise izethenjwa ezaziphunyuziwe ngesikhathi inqotshwa yiGlasgow Warriors kwi-URC emdlalweni odlule, umehluko ubonakale ngesikhathi iguqisa iScarlets ngo 32-27.
Iqembu likaPlumtree lishaye ama-try amane kulo mdlalo. Amathathu abekwe uWerner Kok, obedlala umdlalo ka-50 kuleli qembu, enye yashaywa nguVincent Koch.
USiya Masuku uwabeke phakathi ama-conversion amathathu namaphenathi amabili.
Ama-try eScarlets ashaywe nguRyan Elias, Kemsley Mathias no-Ioan Nicholas, uSam Costelow wakhahlela ama-conversion amathathu namaphenathi amabili.
“Mayelana nalo mdlalo, ngijabule kakhulu ngezingxenye ezinkulu zawo. Ngicabanga ukuthi abadlali bethu baphambili bagqamile kuma-scrum nangesikhathi beshwiba ibhola.
“Abadlali basemuva nabo bazibonakalisile esiwombeni sesibili, bagcina ibhola ezindaweni ezinhle futhi benza umehluko omkhulu emdlalweni,” kusho uPlumtree.
Uthe bakwazile ukuyifaka ngaphansi kwengcindezi iScarlets, ikakhulukazi kuma-lineout. Zimjabulisile izinqumo ezenziwe ngabadlali basemuva, ikakhulukazi amabhola akhahlelwe awela kuWerner.
Bamake kahle kodwa kunezinto ezimbalwa athe kumele bazilungise kuleyo ndawo.
“Umdlalo ubumuhle futhi bekuyigxathu elihle impela elibheke emdlalweni wethu omkhulu neClermont.
“Siyethemba ukuthi iqembu lizodlulela phambili futhi linyukele ezingeni eliphezulu,” kuqhuba uPlumtree.
ISharks izobhekana neClermont eTwickenham Stoop eLondon ngoMgqibelo ngo-12.30 emini.
Iqembu elizonqoba lizobhekana nelizodlula phakathi kweGloucester neBenetton kowamanqamu ozodlalelwa eTottenham Hotspur Stadium, eLondon ngoMeyi 24.
Elizogcina lidle umhlanganiso kwiChallenge Cup lizozibekisela indawo kwiChampions Cup yangesizini ezayo.