INGXOXO ejulile nosihlalo we-Orlando Pirates, yamelapha emoyeni umdlali wasesiswini, uLinda “Figo” Mntambo, osegila izimanga kwiSekhukhune United emuva kokudedlwa ngeZimnyama.
UMntambo ozakhele igama ebholeni laseMzansi esagijima kwiJomo Cosmo, ubalwa nabadlali abangafinyelelanga ezingeni ebelibhekiwe kwiPirates ayijoyina esika kwiChippa United ngo-2018. KweZimnyama yeBetway Premiership, washaya amagoli ayisishiyagalombili. UMntambo uchithwe yiPirates, wajoyina iSekhukhune ngo-2022 asephenduke isithenjwa sayo.
Imenenja yakhe, uPalesa Mkhize wePulse Players Management, iveze ukuthi kwakungelula kulo mdlali ukwamukela okwenzeka kwiPirates.
“Kwakunzima kakhulu kuyena. Sahlala phansi nosihlalo ehhovisi lakhe, wakhuluma naye isikhathi eside. Saphuma lapho eselaphekile emoyeni, esengcono kakhulu. Ngicabanga ukuthu yikhona okwenze aqale kahle nakwiSekhukhune. Iziyalo azithola kusihlalo zamsiza kakhulu ukubhekana nesimo,” kusho uMkhize.
UMntambo ongukaputeni weSekhukhune, unikezwe enye inkontileka yonyaka enombandela wokuyivuselela ekupheleni kwesizini. Ngendlela azinze ngayo kuleli qembu, uMkhize akaboni kukhona okungenza leli qembu lishintshe umqondo uma kuphela isizini ka-2024/2025.
“Uzogugela khona kwiSekhukhune. Banezinhlelo ngaye ngisho eseyekile ukudlala ibhola. Naye futhi wakusho ngikhuluma naye ukuthi ufuna ukugugela khona kwiSekhukhune. Ekuqaleni kwesizini, bamnike enye inkontileka enombandela. Lokho kusho ukuthi usazinzile eqenjini. Bayamthanda kwiSekhukhune futhi lokho kubonakala nangendlela azinikela ngayo enkundleni. Ushaya amagoli, uyawakha futhi,” kubeka uMkhize.
ISekhukhune yenyukele endaweni yesithathu kwi-log yeBetway Premiership emuva kokushaya iSuperSport United ngo 3-0 ngeSonto ebusuku. Inamaphuzu angu-23 emuva kwemidlalo engu-12. Isele ngayisikhombisa kwiMamelodi Sundowns esesicongweni ngawu-30 emuva kwemidlalo engu-11.