Kaizer Chiefs (1)2
Richards Bay (0)1
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, uqhubekile nokuyichitha ‘eyokuvuthwa kwebhodwe’ behlula iRichards Bay emdlalweni weBetway Premiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesithathu ebusuku.
Amagoli eChiefs ashaywe nguWandile Duba no-Ashley Du Preez esiwombeni ngasinye. EleBay libekwe enethini nguYanela Mbuthuma sekusele amanenjana kuphele umdlalo.
IChiefs yenze izinguquko esikimini ejwayele ukudlala ngaso. Ushintsho olugqame kakhulu lwenziwe ezintini lapho okungene khona uBrandon Petersen endaweni kaFiacre Ntwari obelimele. Lezi zinguquko zihlomulise noSibongiseni Mthethwa obesizwa ngendaba isikimu selokhu kwafika umqeqeshi uNabi.
Amakhosi angene enkundleni ebheke ukuwina umdlalo wesithathu wesizini kwiPremiership. IBay ibifuna ukuxebuka endaweni embi ka-12 kwi-log ngokuwina umdlalo wesibili wesizini. Ngokwehlula iBay, iChiefs yenyukele endaweni yesithupha, yashovela iBay endaweni ka-14.
Emuva komdlalo, uNabi ukuchithile ukuthi sezihlangene izinto ngoba beqhubekile nokuqoqa amaphuzu.
“Ukuwina kwethu akusho ukuthi sekulungile esikwakhayo. Izinhloso zeKaizer Chiefs zinkulu kakhulu. Sidinga ukubamba umgqigqo ngoba ngaphandle kwalokho ngeke sizifeze. Amaphuzu amathathu mahle eqenjini. Ngokomqondo akulula ukudlala isiwombe sesibili ngabadlali abayishumi. Mayelana nesikwakhayo, akukafiki endaweni efanele. Uyayikhumbula iKaizer Chiefs yoTshabalala (Sphiwe) noDoctor Khumalo yayisezingeni eliphezulu, akufani nanamuhla,” kusho uNabi.
IChiefs iwuqale kahle umdlalo, izama ukudlala amabhola asheshayo phambili ukuze isebenzise ijubane likaPule Mmodi, Duba no-Ashley Du Preez. Nokho ibihluleka ukuxhumana kahle uma isifike phambili. IBay ibikhombisa ukuba yingozi uma ingqongqoza odongeni lwasemuva lweChiefs akukho okutheni obekukhathaza uPetersen ezintini. Ngomzuzu ka-21, uDuba uqobele phakathi ibhola ebeligotshwe nguYusuf Maart kukade kuyikhona. Emuva kwegoli, iChiefs iqhubekile nokuhlasela yahluleka ukusebenzisa amathuba ewatholile.
Ekuqaleni kwesiwombe sesibili, uReeve Frosler uthole ikhadi elibomvu ngemuva kokudlalisa kabi uNkosikhona Ndaba. UNabi upheshe udonga lwasemuva ngokukhipha uMmodi, wafaka uDillon Solomons. Ngomzuzu ka-68, uDu Preez ushayele iChiefs igoli lesibili emuva kwebhola alipotshozelwe nguMaart. Sekuqale isikhathi esengezwe ngunompempe, uMbuthuma ungqofele phakathi ibhola eligotshwe nguLwandile Mabuya.
Emdlalweni olandelayo, iChiefs izokwamukela iRoyal AM ePolokwane ngoMgqibelo ntambama. IBay izokwamukela AmaZulu kowabakhaya eMlazi ngoMgqibelo.
Khonamanjalo, iCape Town City yehlule iPolokwane City ngo 1-0 wegoli likaThamsanqa Mkhize e-Athlone Stadium, eKapa, izolo ebusuku.