Sweden (0) 2
Banyana Banyana (0) 1
LIPHUNYUKWE yithuba lokuqopha umlando iqembu lakuleli lesizwe lebhola labesifazane ngesikhathi lithelwa phansi yiSweden ngo 2-1 emdlalweni wokuqala kuGroup G kwiFifa Women’s World Cup eWellington Regional Stadium, eNew Zealand, ngeSonto ekuseni.
Womathathu amagoli angene esiwombeni sesibili, eleBanyana libekwe enethini nguHildah Magaia elivule inkundla, aweSweden ashaywa nguFridolina Rolfo no-Amanda Ilested.
Ukuhamba phambili kubeke iBanyana ethubeni lokuthi ithole amaphuzu okokuqala eNdebeni yoMhlaba, kwazise yabuya igingqa iqanda kweyango-2019 eFrance, kodwa yagcina ihlulekile ukuvala emuva.
Kungenwe emdlalweni kuyiqembu lase-Europe ebelithwelwe ngeqoma ngenxa yokuthi likleliswe endaweni yesithathu emhlabeni futhi sekukaningi lithola izindondo kulo mqhudelwano, kanti iBanyana isendaweni ka-54.
Umqeqeshi uDesiree Ellis usebenzise isikwati ebesilindelekile kodwa ukhethe ukuqalisa uKaylin Swart emapalini, wasala ebhentshini u-Andile Dlamini, owaqokwa njengonozinti ovelele ngesikhathi iBanyana idla isicoco seWomen's Africa Cup of Nations eMorocco nyakenye.
IBlagult isheshe yawuphatha umdlalo isebenzisa kakhulu uhlangothi lwesokunxele lapho bekugijima khona uJohanna Kaneryd, exhumana nokapteni uKosovare Asllani, nokho iqembu lakuleli liqale lakwazi ukumelana namabhola ebebewathumela ebhokisini.
Ubunzima obuningi buqhamuke kumakhona obekuphoqeleka ukuthi unozinti uSwart azame ukuwaphebeza bese elekelelwa izitobha ngokususa ibhola endaweni eyingozi.
Obekuvuna iSweden kakhulu ukuthi ibihlome ngenqwaba yabadlali abasukile egadeni, ikakhulukazi uStina Blackstenius no-Ilested, abebelithola kalula ibhola emoyeni.
U-Ilested kwale kancane ukuthi alibeke enethini ngekhanda ngomzuzu ka-36 kodwa walibeka eceleni kwepali. Elinye ibhola elibe yingozi kakhulu kube yishodi ebelithunyelwe nguRolfo ngomzuzu ka-39, laceza epalini.
Iqembu lakuleli liwatholile amathuba ambalwa okufaka izitobha zeSweden ngaphansi kwengcindezi ngenxa yesivinini sikaThembi Kgatlana, Jermaine Seoposenwe noMagaia, kodwa agcine ephelele emoyeni.
Ijubane likaKgatlana ligcine lisebenzile ngomzuzu ka-48 ngesikhathi ejaha ibhola ebelithunyelwe nguBongeka Gamede kwesokunxele. Ishodi lakhe ulichithile unozinti weSwedenm, uZecira Musovic kodwa lahlangana noMagaia olivalele phakathi ngedolo.
UMagaia uwe wathinteka esihlakaleni ngesikhathi eshaya leli goli, kwagcina kuphoqeleke ukuthi akhishwe ngomzuzu ka-56, indawo yakhe yathathwa nguGabriela Salgado.
Nokho akuthatha isikhathi eside ukuthi iSweden ithole igoli lokulinganisa. Liqhamuke ngomzuzu ka-65 ngesikhathi uLebohang Ramalepe ehluleka ukukhipha ibhola ebelivela kuKaneryd kwesokunxele, lazishayisa kuRolfo layongena phakathi.
ISweden ibisingena ingenile emizuzwini yokugcina yesiwombe sesibili, idlange ngamakhona, kwagcina kuyilungele ngomzuzu ka-90 ngesikhathi u-Ilested elingqofela phakathi kulandela ikhona, elungisa iphutha alenze esiwombeni sokuqala.
Ukudala kweBanyana inqwaba yamakhona kuyidonsele amanzi ngomsele kulo mdlalo, nokuyinto u-Ellis nethimba lakhe labaqeqeshi okuzomele bayibhekisise ngaphambi komdlalo olandelayo ezowudlala ne-Argentina ngoLwesihlanu.
Amanye amaqembu akuGroup G, i-Italy ne-Argentina, azotholana phezulu e-Eden Park, e-Auckland, ngoMsombuluko ngo-8 ekuseni.