IQEMBU lesizwe lebhola labesifazane iBanyana Banyana, lingase lizibeke ethubeni lokungena kwiLast 32 okokuqala, kwiFifa Women’s World Cup. Kuzocaca kusasa ekuseni uma seligijima emdlalweni wokugcina wamaqoqo, lapho lizobhekana ne-Italy.
IBanyana izongena kulo mdlalo eWellington Regional Stadium, eNew Zealand ngoLwesithathu ngo-9 ekuseni yazi ukuthi kufanele inqobe noma ibophe imithwalo ibuyele eNingizimu Afrika.
Njengamanje iqembu likaDesiree Ellis lisendaweni yesithathu kuGroup G ngephuzu elilodwa, elithole ngesikhathi libambana ngo 2-2 ne-Argentina ngoLwesihlanu.
ISweden iqhwakele kuleli qoqo ngamaphuzu ayisithupha ngemuva kokuguqisa iBanyana ngo 2-1 ne-Italy ngo 5-0. I-Italy isendaweni yesibili ngamaphuzu amathathu, ewathole ngokushaya i-Argentina ngo 1-0 emdlalweni wokuvula.
Lokhu kusho ukuthi uma iBanyana inganqoba i-Italy izoba namaphuzu amane bese inyukela endaweni yesibili. Lowo mphumela uzoyifaka esigabeni esilandelayo uma i-Argentina ihluleka ukunqoba iSweden.
"Ngicabanga ukuthi kumele sithuthukise indlela esimaka ngayo sivale emuva. Siyiqembu eliwashayayo amagoli kodwa uma singenelwa amagoli sibhidliza umsebenzi wethu omuhle
“Kumele sithuthuke lapho uma sifuna ukuthola umphumela esiwudingayo uma sesidlala ne-Italy.Siyakwazi okufanele sikwenze futhi kufanele sinikele ngakho konke okusemandleni ethu," kusho umgadli weBanyana, uThembi Kgatlana ngemuva komdlalo e-Argentina.
Khonamanjalo, udokotela weBanyana Banyana, uDkt Nthabiseng Maesela, ukuqinisekisile ukuthi ukaputeni uRefiloe Jane kulindeleke ukuthi alulame maduze.
UJane ukhishwe ngesiwombe sokuqala kowe-Argentina ngemuva kokulimala eqakaleni.
“Mayelana noRefiloe, njengoba sonke sibonile ukuthi ukhishwe enkundleni ngohlaka, walimala eqakaleni kodwa ama-scan akhombise ukuthi akalimele kakhulu futhi uzolulama maduze,” kusho uMaesela.
“Uzobuyela enkundleni maduze kodwa ngeke ngikwazi ukusho ukuthi nini njengamanje. Izwe kumele lazi ukuthi uRefiloe usesimeni esihle.
“Ngingaphinde ngiqinisekise ukuthi abekho abanye abalimele noma izifo eqenjini ngaphandle kukaRefiloe. Iqembu lisemoyeni omuhle futhi likulungele ukuzilolonga futhi sibheke umdlalo wokugcina wamaqoqo,” uphethe kanje.