UMPHUMELA womdlalo ka-Group K wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) phakathi kweSouth Sudan neCongo-Brazzaville ufake iBafana Bafana kowamanqamu we-Afcon ngonyaka ozayo eMorocco ngaphandle kokujuluka.
IBafana etheleke e-Uganda ngoLwesine ntambama ithe iqala amalungiselelo omdlalo wayo nosokhaya, yabe seyazi ukuthi isizibekisele indawo eMorocco kulandela ukunqoba kweSouth Sudan ngo 3-2 kwiCongo ntambana, eJuba.
Lo mphumela uqinisekise ukuthi iBafana ne-Uganda abazobhekana namuhla ngo-3 ntambama eNelson Mandela Stadium, eKampala, ibona abazomela leli qoqo kwi-Afcon ezokuba ngoDisemba wonyaka ozayo eMorocco.
Ngaphambi komdlalo wayizolo kufanele ukuba ukuqina kokhakhayi yilona ivangeli ebelishunyayelwa kuphindelelwa ekhempini yeBafana.
IBafana izoqala lo mdlalo wanamuhla ilele isibili kwi-log yaleli qoqo kodwa uma inqoba ingazibeka ethubeni lokuqeda iqhwakele okuvamise ukuhamba nentshontsho lokufakwa eqoqweni elingcono uma sekuqhathwa amaqembu omqhudelwano.
IBafana izodlala seyikhululekile nokungenza igweme amaphutha. Kanti kufanele wukuthi nomqeqeshi wayo uHugo Broos uwujabulele lo mphumela ngoba ubelokhu ekusho njalo ubumqoka bokuthi elakuleli lizibekisele indawo kwi-Afcon ezayo ngemuva kokuphuma endaweni yesithathu kwebingo-Januwari, e-Ivory Coast.
Lo mqeqeshi odabuka eBelgium bese etshele nabezindaba bakuleli ukuthi uma nje iBafana yahluleka wukuya eMorocco, ngeke apholise amaseko kodwa uzothola indiza abuyele kwelakubo.
Ngesikhathi elakuleli lilungiselela ukudlala ne-Uganda, umgadli we-Orlando Pirates, u-Evidence Makgopa uzwakalise ukukujabulela ukuphinde abuyele eqenjini lesizwe.
“Ngesikhathi ngilulama bengazi ukuthi ngimelwe umqansa wokulwela indawo yami hhayi kwiBafana kodwa kwiPirates kuqala,” kusho uMakgopa.
“Kunzima ukuba ngaphandle kweqembu kodwa kudingeka ukhakhayi oluqinile ukuze ukwazi ukuzikhuthaza wena ngaphambi kokudinga amanye amazwi.
“Nangaphandle kukanobhutshuzwayo kusemqoka ukuba nokhakhayi oluqinile kunoma isiphi isimo obhekene naso,” kusho lo mgadli oneminyaka engu-24.
Emuva kowe-Uganda iBafana izokwamukela iSouth Sudan kowokusonga iqoqo ngoNovemba 19 eCape Town Stadium, eKapa.