UMLANDO weParis Saint-Germain kwi-UEFA Champions League ukhombisa iqembu elinephupho elikhulu kodwa eselihluleke iminyaka ukulifeza.
Selokhu leli qembu lathengwa yinkampani iQatar Sports Investments ngo-2011, lakucacisa ukuthi lihlose ukubalwa namaqembu ahamba phambili e-Europe ngokukhipha izigidi lithenga abadlali abasezingeni eliphezulu.
Yize likhonya ekhaya, lapho linqobe khona isicoco seligi amahlandla ayisishiyagalombili eminyakeni engu-10 edlule, indebe yeChampions League eliyilangazelelayo isaliphunyukile.
Ngaphambi kokuthengwa yizimpunyela zaseQatar, into ebonakalayo eyake yenziwa yiPSG emiqhudelwaneni yase-Europe, kwaba ukuthatha isicoco se-UEFA Cup Winners' Cup ngo-1996.
Eminyakeni edlule, leli qembu selike lasayinisa abadlali abahamba phambili okubalwa kubona uZlatan Ibrahimović, David Beckham, Neymar Junior, Lionel Messi, Kylian Mbappé nabanye okwakulindeleke ukuthi baqede ishobolo lokungayinqobi iChampions League, kodwa baze balishiya bengakaze bayiphakamise nalo.
Kwala kancane ngo-2020, njengoba lafinyelela kowamanqamu, kodwa naleyo sizini yaphela ngezinyembezi ngenxa yokuthi laqunjwa phansi yiBayern Munich ngo 1-0.
Kule sizini, ngaphansi kobuholi boqweqwe lomqeqeshi, uLuis Enrique, seliphinde labuya ithemba lokuthi leli qembu laseParis lingaphinde lizisondeze kule ndebe lo mqeqeshi waseSpain ake ayinqoba neBarcelona ngo-2015.
Abadlali abafana no-Ousmane Dembélé, Vitinha, Khvicha Kvaratskhelia nabanye sebelikhuphulile leli qembu, nokucace kamhlophe begudluza iLiverpool kwiLast 16. Nokho, konke lokho kungaphenduka ize uma iphinde ihluleka ukuyithola le ndebe.
Iqembu elimi endleleni yalo ebheke kowandulela owamanqamu yi-Aston Villa, okungelona iqembu obekulindelwe ukuthi libe ngelinye lamabili ase-England azofinyelela kuma-quarterfinal kule sizini.
I-PSG izongena emlenzeni wokuqala wama-quarterfinal eParc des Princes ngoLwesithathu ngo-9 ebusuku, ithwelwe ngeqoma, kodwa-ke umlando ukhombisa ukuthi umsebenzi kufanele wenziwe enkundleni.
Uma iqembu lika-Enrique ligcina likwazile ukudlula kwiVilla ngemuva kwemilenze yomibili, lisazobhekana nelizonqoba phakathi kwe-Arsenal neReal Madrid emzuliswaneni olandelayo. La maqembu azotholana phezulu emlenzeni wokuqala e-Emirates Stadium, eLondon, ngoLwesibili ngo-9 ebusuku.
Kweminye yama-quarterfinal eChampions League, iBayern Munich izodudulana ne-Inter Milan e-Allianz Arena eMunich, ngoLwesibili ngo-9 ebusuku, kanti iBarcelona izovakashelwa yiBorussia Dortmund eLluís Companys Olympic Stadium ngoLwesithathu ngo-9 ebusuku.