Argentina (1) 1
Saudi Arabia (0) 2
BASALE bekhexile abalandeli nabadlali beqembu lesizwe lase-Argentina ngesikhathi ikhala ngaphansi kungalindelekile kwiSaudi Arabia emdlalweni ka-Group C weNdebe yoMhlaba, eLusail Stadium, eQatar.
Isilomo somdlali wase-Argentina, uLionel Messi, sivule inkundla ngegoli okube iphenathi esiwombeni sokuqala kwathi uSaleh Al-Shehri noSalem Al-Dawsari bashaya aweSaudi Arabia kwesesibili.
Ngokwerekhodi leSaudi Arabia koweNdebe yoMhlaba, eyaqala yagcina ukungena kwi-Last 16 ngo-1994, nomehluko ngokohlobo lwabadlali kula maqembu esizwe, bekulindeleke ukuthi zithi ziya emizuzwini engu-20 ibe isihamba phambili ngembudlu i-Argentina.
Iphenathi engenasidingo edalwe isitobha seSaudi Arabia, ithathwe uMessi ongazange alenze iphutha, wayibeka enethini ngomzuzu ka-10.
Esikhundleni sokuthi idikibale iSaudi Arabia eqeqeshwa uHevre Renard (wodumo kwiZambia edle i-Afcon ngo-2012), kube sengathi liyayiphaphamisa leli goli likaMessi kwazise ivuke indlobane ngemuva kwalo.
Obekuqapheleka nokho ukuthi uma bemaka bamshiya kude unozinti wabo okufakazelwa amagoli amathathu uMessi noLautaro Martinez abawashaye maphakathi nesiwombe sokuqala kodwa wonke aphikwa.
Ngaphandle kwalawo magoli abelokhu engene njalo kodwa ephikwa, iSaudi Arabia ibilixova ngendlela encomekayo okufakazelwa ukuthi zize zaya ekhefini kuseyiphenathi kaMessi kuphela ehlukanise la maqembu esizwe.
Isiwombe sesibili siqale ngokuthi u-Al-Shehri ashayele iSaudi Arabia igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-48.
Kuchwaze inkundla ngasohlangothini lwabe-Saudi Arabia, ngokungena kwaleli goli obekubukeka sengathi kubafaka umfutho abadlali baleli qembu lesizwe abese beyicindezela i-Argentina.
Nangempela, ngoka-53, u-Al- Dawswari, ushaye imbumbulu yegoli okuyiyona egcine ingcwaba ngalo i-Argentina.
Nakuba i-Argentina ilikhuphulile izinga kwazise bese kwenziwe nezinguquko kodwa iSaudi Arabia ibilokhu iqhubeke njalo nokudlala ngokuzimisela.
Njengoba bekulindelekile, imizuzu yokugcina eyishumi ibishubile kwazise i-Argentina ibisilifuna ngenkani elokulinganisa kanti neSaudi Arabia nayo ibingazibekile neze phansi ngokuvikela amagoli ayo amabili okugcine kuphele ngawo umdlalo.
UMessi odlala iNdebe yoMhlaba yakhe yokugcina sekuzomele nozakwabo balelwe ukuthola amaphuzu amathathu ngoMgqibelo uma sebebhekene neMexico ngo-9 ebusuku.
Ngalolu suku iSaudi Arabia izodudulana nePoland ngo-3 ntambama