UMQEQESHI weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, akayizwa eyabadlali abacwila ezinkambeni zikaFaro, nabangamaxhwele.
UZwane udalule lokhu ngesikhathi echaza ngendlela abakhalime ngayo abadlali beChiefs, ukuze imiqondo igxile ebholeni ngesikhathi semibhiyozo yamaholidi kaKhisimusi noncibijane.
IChiefs ivale unyaka ngokuthela iLamontville Golden Arrows ngesibhaxu emdlalweni weDStv Premiership, sekusele amahora ambalwa kubhiyozelwe ukungena onyakeni ka-2023. Ngokujwayelekile, abadlali basuke bezijabulisa nemindeni yabo ngalesi sikhathi kodwa kulokhu bekufanele bajahe ibhola ngosuku lokubhiyozela unyaka omusha. Imidlalo yePremiership imisiwe ngesikhathi kunomqhudelwano weNdebe yoMhlaba osongwengoDisemba 18, eQatar.
"Ngingumqeqeshi onzima kunabo bonke (ukusebenza naye). Ukuziphatha kuhamba phambili kimina futhi ngihlala ngibakhumbuza abadlali ukuthi angibathandi abaphuzayo nababhemayo ngenxa yezizathu eziningi. Bayazi ukuthi mina nje angiyi emaphathini. Uma kukhona okwenziwa ngisho ekhaya, ngihlala ihora ngihambe ngenxa yezizathu ezaziwayo. Ngakho angisho ukuthi abangazijabulisi kodwa ngithi umdlali webhola ophelele, kufanele ezazi ukuthi ufunani empilweni yakhe," kusho uZwane kwabezindaba.
UZwane ukhuluma kanjena nje, iChiefs ibachithile abadlali obekubikwa ukuthi sebekhathazile ngamambawu eNaturena. Phakathi kwabo kubalwa uDumisani Zuma noSiphelele Ntshangase. Eminyakeni edlule babekhathaza kakhulu oJabu Mahlangu, Skapie Malatsi, Patrick Mbutho okungabadlali uZwane adlale nabo kwiChiefs. Bonke abadlali badalula ukuthi babethathwa njengamakhosi, belandelwa yizihlwele lapho behamba khona futhi benenqwaba yabangani.
"Sezadlula lezo nsuku lapho umdlali wesigaba esikhokhelayo enabangani abangu-20. Kufanele uzazi ukuthi ufunani. Kufanele ubazi abantu abaseduzane kwakho. Kufanele wazi ukuthi uphila nobani ekhaya, ngubani okufanele umethembe, ngubani ongamethembi, ngubani osebenza naye nokuthi uzolenyusa kanjani izinga lokudlala. Asisekho isikhathi sokuba nabangani abangu-20. Uya eSoweto, ubhekeeSandton. Kufanele uzinake wena," kweluleka uZwane.
Uqhube wathi ngesikhathi belungiselela umdlalo ne-Arrows kudingeke ukuthi baqinise isandla kubadlali.
"Bekuvele kuzoba nzima ngalesi sikhathi sonyaka sikancibijane. Abantu abaningi bacabanga ngokuphuma bayozijabulisa. Kudingeke sishaye phansi ngonyawo, sisho ukuthi yilena indlela esizokwenza ngayo izinto. Uma sithola ukuthi wenze okuhlukile, sizokubeka eceleni siqhubeke nabakulambele ukusebenza," kuchaza uZwane.
IChiefs esendaweni yesine kwi-log yeDStv Premiership, izobuyela enkundleni ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku, isiyobhekana neSekhukhune United eFNB Stadium.