AmaZulu FC (3) 3
Royal AM (0) 0
AMAZULU FC avale unyaka ehambela phezulu ngemuva kokubhudluza iRoyal AM ngo 3-0 emdlalweni weDStv Premiership womkhaya baKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Inkundla ivulwe, uMondli Mbanjwa, namabili, ka-Augustine Kwem, bobabili abawashaye esiwombeni sokuqala.
Umdlalo uqalwe usihlalo weRoyal AM, u-Andile Mpisane, obekungokokuqala ngqa esuka nawo phansi yize ebese ebonakala okwesibili kulesi sigaba kule sizini.
Zisuka amagqozo, uKwem, uyeke isipho sethuba kodwa lo mgadli wazithambisa okwenze wagezwa, uHugo Nyame, obevimbele izivakashi.
Imizuzu yokuqala engu-40 ize yaphela lingafiki ibhola kuMpisane (olithinte kabili) obekudalwa ukuthi AmaZulu abewawina wonke amabhola futhi iwona abedala amathuba angcono okubhakuzisa inethi.
Ngomzuzu ka-13 uMbanjwa, ubeke Usuthu phambili kusukela ibhola lonakale kuMpisane noThabo Matlaba.
Bekumele AmaZulu ashaye igoli lesibili nelesithathu ngomzuzu olandelayo kodwa uKwem, noPule Ekstein, baphinde badlala ngomsebenzi.
Agcine elishaya phakathi elesibili AmaZulu abezenzela kulesi siwombe, ngonyawo lukaKwem odinge ukulizama kabili ngomzuzu ka-26, behluleka ukumvimba, wagcina elibeke enethini. Kudlule imizuzu emihlanu uKwem wakuphinda lokho kwazise isisu seRoyal AM bekufana nokuthi asikho.
Kuphele isiwombe sokuqala iRoyal AM ingayanga nhlobo emapalini AmaZulu, ingazange izame ngisho ukukhahlela ibhola okungenani eliphume eceleni.
Akazange abuye uMpisane esiwombeni sesibili indawo yakhe yathathwa, uSibusiso Magaqa, obekunguyena vele obeshintshiwe esikimini somdlalo odlule ukuze kuqale usihlalo.
Kucace siqala isiwombe sesibili ukuthi iRoyal AM ibuye ekhefini isingcono kakhulu kwazise ibisichitha isikhathi esiningi engxenyeneni enkulu yoSuthu.
Nakuba iRoyal AM ikhombise umfutho ongcono esiwombeni sesibili kodwa AmaZulu abengabukeki esenkingeni njengoba ebekwazi ukuzivala izitha.
Nenqwaba yezinguquko ezenziwe umqeqeshi weRoyal AM, uJohn Maduka, azizange zingene namandla abengaguqula umonakalo owenzeke kwesokuqala kwaze kwaba umdlalo uyaphela.