UMJAHO wanonyaka weSPAR Women’s 10/5km Challenge uzobe ukhethekile njengoba uzobe uhlanganisa iminyaka engu-35 wasungulwa.
Lo mjaho ozoba seThekwini ngoJuni 22 kubhekwe ukuthi ubophele abasubathi abaqavile bakuleli nangaphandle, kanjalo nabanye abesifazane abazongenela amabanga ka-5km no-1okm.
Ngesikhathi usungulwa ngo-1995 wangenelwa ngabagijimi abangu-2200. Lesi sibalo sesakhuphuka kakhulu eminyakeni edlule njengoba kwaqopheka irekhodi ngo-2015 ngesikhathi ungenelwa abangu-17 607.
Kulo nyaka kuvuleleke abasubathi abangu-12 000. Umjaho ka-10km uzoqala ngo-8am, bese oka-5km uqala ngo-8.45am.
Nyakenye intambo yagqashulwa umsubathi wase-Ethiopia, uTadu Nare, waqopha irekhodi elisha ngesikhathi esingu-31:14.
“Sesibe ngabaxhasi abaziqhenyayo bemijaho yabesifazane, sikhuthaza impilonhle, ukufukulwa kwabesifazane, nomoya omuhle emiphakathini iminyaka engu-35, futhi konke kwaqala lapha e-KZN,” kusho uMenelisi Luthuli, uMqondisi Wezokukhangisa wakwa-SPAR eKZN.
"Lokhu kuzibophezela isikhathi eside kunikeze abesifazane ithuba lokuzibekela imigomo abangayifeza, bajabulele impilo, impumelelo yabo, futhi bakwenze lokho ndawonye. Ngale komjaho, uxhaso lweSPAR lukhuthaze izizukulwane zabesifazane ukuthi zinakekele izimpilo zazo, zizethembe. Yingakho kulo nyaka sihamba nesiqubulo esithi #Twenty20Thrive.”
Umjaho wanonyaka uzolandelalo umzila ojwayelekile njengoba uzoqala kuMasabala Yengwa Avenue, eduze kwaseHollywoodbets Kings Park Stadium, uphele ezinkundleni ezingaphandle kwale nkundla enkulu yombhoxo.
Kunezinhlelo eziningi zokunandisa ekupheleni komjaho nemiklomelo okubalwa kuyona imoto kanokusho iHyundai Exter 1.2 Premium MT yenani lika-R269 900.
Kubasubathi abasezingeni eliphezulu, lo mjaho waseThekwini uzoba yingxenye yochungechunge lweSPAR Grand Prix,. Ozonqoba umjaho uzohlomula ngo-R33 000, ozophuma isibili athole u-R25 000 kuthi ozongena endaweni yesithathu ahambe no-R20 000.
Ukungenela lo mjaho kwi-website kuzovalwa phakathi kwamabili ngoJuni 16 noma uma sekujoyine abasubathi abangu-12 000. Imali yokungenela ngu-R180 kuwona womabili amabanga.
Abagijimi abangenayo ilayisensi ye-Athletics South Africa abafisa ukungenela umjaho ka-10km kuzodingeka bathenge eyesikhashana ngo-R55.
Ukungena ngobuningi babahlanganyeli abayi-10 noma ngaphezulu kuyatholakala emaqenjini ezinkampani, amaqembu omphakathi, kanye nezikole ngesixhumanisi sokungena esiku-inthanethi futhi kuvalwa ngoLwesihlanu zi-6 Juni.
Ukungenwa sekwedlule isikhathi eqoqweni le-Race Pack kuzobiza u-R200 kuyo yomibili imicimbi ka-10km no-5km.
Kuvumelekile ukuthi abantu abangu-10 noma ngaphezulu abasebenza ndawonye, abagijima ndawonye nabafunda ndawonye bangenele kanyekanye kuze kushaye uJuni 6.
Izimfanelo zomjaho zizolandwa eKings Park Stadium Outer Fields ngoJuni 20 kusukela ngo-10 ekuseni kuya ku-6 ntambama, nangoJuni 21 kusukela ngo-10 ekuseni kuya ku-4 ntambama.
Eminye imininingwane ngalo mjaho iyatholakala kwi-website ethi www.spar.run nasezinkundleni zokuxhumana.