ILIBHEKISA kwiDrakensberg Marathon ngenhloso yokuyobuyisa indondo yayo yegolide intokazi yaKwaMgaye, eMzumbe, u-Andisiwe Njunguza obe nonyaka omuhle kwezokusubatha.
Isibhamu sokususa owebanga lika-42.2km sizoqhuma u-5.30 ekuseni, ngoMgqibelo, eBergville Sports Centre. Kukhona nebanga lika-21km nelika-10km. U-Andisiwe ogijimela iXcel Running Club, uzoqhubeka nokugijima ku-10km awunqoba ngo-2022 (37.06).
Nyakenye akakwazanga ukuvikela indondo yakhe ngenxa yokuxineka. Le ntokazi yaziwa kakhulu ngokugijima u-10km, 21km, track necross-country. Nokho ngasekuqaleni kwenyanga igijime okokuqala ibanga lika-42km. Imangaze abaningi ishaya intambo ngesiwu-3:07.47 kwiCheetahs Marathon, eMthatha, e-Eastern Cape.
"Sengiphumule ngokwanele. Njengoba iDrakensberg izoba umjaho wami wokugcina kulo nyaka kumele ngenze kahle. Okukhulu kunakho konke ngifuna ukubuyisa indondo yami yegolide. Ngifuna ukwenza isikhathi esingaphansi kwemizuzu ewu-36," kusho u-Andisiwe.
Lo mjaho uyingxenye yochungechunge lwemicimbi, iDrakensberg Extravaganza eyenziwa minyaka yonke. Kulo nyaka u-Andisiwe unqobe neBest of the Best 10km (36.58), South Coast 21km (1:24.16) noMkhambathini 21km (1:20.43).
Uphinde wenza kahle kumaSA Cross-Country 10km elala eyesithupha (35.36) nakwiHollywoodbets 10km Durban ephuma kweyeshumi (35.55). Uthe nakuba egijime kahle kodwa ngakolunye uhlangothi ukulimala kumthikamezile.
"Ngilimale ethangeni ngoMashi ngigijima kwiHarry Gwala Marathon. Ngihlale isikhathi eside ngingagijimi, ngize ngaphola ngo-Agasti. Ngikholelwa ekutheni ngabe ngenze kahle ukube lokhu kulimala akuqhamukanga."
Abazoshaya intambo ku-42km bazogoduka no-R20 000, isibili kube u-R10 000 bese isithathu sithola u-R5000. Abazonqoba kwelika-21km bazohamba no-R8000 bese kuba u-R3000 kwabazokhonya kwelika-10km. USipho Ndaba weDrakensberg Production (Pty) Ltd ehlela lo mjaho, uthe sekuvaliwe ukufakwa kwemingenelo. "Lokhu kudalwe ukuthi sesiwuhlanganisile u-1500 wabasubathi esibalindele kulo mjaho. Ukube besinabaxhasi abanele ngabe isibalo sabazogijima sisenyusile kulo nyaka," kusho uNdaba.