BATHOLE ithuba eliyingqayizivele abafundi besikole sezolimo, iWeston Agricultural College, eMooi River beqokelwa eqoqweni lakuleli elizolibhekisa e-Italy ukuyodlala emiqhudelwaneni yebhola lombhoxo.
Laba bafana ngoZekhethelo Dladla, Awande Dlamini, Soyama Matshoba noZotha Makhathini. UChristelle Erasmus, weBlue Running Sport International ehlwaya ikhono ezikoleni, uthe laba badlali bayingxenye yababavumbulule emiqhudelwaneni eyahlukene yebhola lombhoxo kulo lonke elakuleli.
Uthe bazofulathela elakuleli ngoDisemba 5, babuye ngoDisemba 14.
"Sibafisela inhlanhla laba badlali. Sibakhethe ngenxa yokwenza kahle emiqhudelwaneni esihlwaya kuyo ikhono. Inkampani yethu ihlwaya ikhono labadlali bebhola lombhoxo, tennis, ikhilikithi, hockey, softball nezinye izinhlobo zemidlalo. Sihambisa abadlali abanethelente emazweni athuthukile ezinhlotsheni zemidlalo ezahlukene.
“Laba badlali bombhoxo banethuba lokuheha amehlo amaqembu ase-Italy," kubeka uChristelle.
Uthe inkampani yabo inamahhovisi ePitoli naseBloemfontein. UZekhethelo (17) waseMtshezi, owenza u-matric khona eWeston Agricultural College, uthe ngeke adlale ngaleli thuba. Uthe ufakwe ku-Under 19.
"Ekuqaleni konyaka besidlala umqhudelwano webhola lombhoxo ePort Shepstone. Ngemuva kwawo ngabizwa kanye nabanye kwathiwa sifakwe eqenjini eliya e-Italy. Kwathiwa kukhethwa abadlali bezinga eliphezulu. Ngijabule futhi ngethukile njengoba ngifakwe ku-Under 19. Nakuba kunjalo ngizimisele ngokulwa, ngeke ngidlale ngaleli thuba," kusho uZekhethelo.
Uqhube wathi: "Ngisethubeni lokuheha amaqembu ase-Italy. Ngibonga kakhulu kumqeqeshi wasesikoleni, uQiniso Zondi. Ngibonga nesikole sethu, abazali bami ngokuhlale bengeseka nozakwethu esidlala nabo."
UZondi uveze ukuthi omunye wabadlali bakhe olibhekisa phesheya ngu-Olwakhe Mlambo ozoyo kodlala eDubai, emqhudelwaneni iHSBC Dubai 7s. Lo mqhudelwano uqala ngoNovemba 26 uphele ngoDisemba 4. "Ngithi ndlelanhle bafana bami. Ngiyazi ukuthi isikole nezwe lenu ngeke nikuphoxe," kubeka uZondi.
UZekhethelo unamathalante ehlukene njengoba ephinde abe umshayisibhakela olwa esigabeni sosondonzima kuma-amisha.