NAKUBA bevumelana ngokuthi bazigwaze ngowabo kowamanqamu abeDHL Stormers kodwa ukaputeni, uSteven Kitshoff nomqeqeshi, uJohn Dobson, bayavumelana ngokuthi iMuster Rugby ibaphuce kufanele isicoco seVodacom United Rugby Championship (URC) ngempelasonto, ngoba ibingcono.
Leli qembu lase-Ireland lihlule iStormers ngo 19-14 ngemizuzu yokugcina kulo mdlalo obuhanjelwe yizethameli ebezibalelwa ku-56 000.
Esiwombeni sokuqala iStormers ebilwela ukuvikela isicoco, ibisenkingeni kwazise izivakashi bezifika zifikile emgqeni wayo kodwa kubukeke sengathi kuyadlula lokhu zaze zaya ekhefini.
IStormers esiwombeni sesibili ibihamba phambili ngo 14-12 kodwa kusobala ukuthi isidlalela ukuqeda isikhathi kanti kulapho iMunster izojika khona njengotshwala esiswini.
UDobson obekhuluma nabezindaba emuva komdlalo uthe: “Esiwombeni sokuqala bekuyifanele ukuwina iMuster kodwa ngokwesesibili ngibone kuyithina obekufanele sinqobe yize ngivuma ukuthi bebelambe ngaphezu kwethu kulo mdlalo.
“Besiqala ukudlala ngendlela esezingeni eliphansi ngendlela esidlale ngayo kule sizini esiwombeni sokuqala kodwa konke lokhu bekudalwa yingcindezi ebifakwa yiMunster ngakho-ke kubafanele ukunqoba.”
UKitshoff uvumelene noDobson encoma ukuzimisela kwezimbangi.
“Uma uzoyibheka yonke isizini kuyifanele ukuba ngompetha iMunster kwazise ike yasalela emuva ngokwamaphuzu yaphinde yadinga ukudlula kweyokuhlunga ukuze ifike lapho igcine khona.
“Indlela abalwe ngayo iyamangalisa ngakho-ke, ngiyavuma ukuthi kuyifanele ukuba ngompetha kule sizini.
“Ompetha yilaba abanqoba kungabukeki sengathi bazonqoba kodwa kube ibona kuphela abakholwa ukuthi banganqoba ngakho-ke kuyifanele iMunster ukuba ompetha ngoba konke lokhu ikwenzile,” kusho uKitshoff kwabezindaba.