Konke sekumi ngomumo njengoba izoqala kusasa imidlalo yanonyaka yama-Salga KZN DSAC Games ezobanjelwa eThekwini.
Le midlalo ehlanganise amaqembu adlala ezemidlalo ezahlukene azomela omasipala abahlukene baKwaZulu-Natal, izobanjelwa ezindaweni ezehlukene kuleli dolobha ize isongwe ngeSonto ntambama.
Izovulwa ngomcimbi omkhulu ozoba seMoses Mabhida Stadium ngoLwesine kusukela ngo-2.30 ntambama lapho kuzokwethulwa khona wonke amaqembu.
Kuhlelwe nezinye izinhlobo zokunandisa ezizothokozisa abazothamela lo mcimbi okuzongenwa mahhala kuwona.
Kulo nyaka kuzodlalwa imidlalo eyahlukene okubalwa kuyona ibhola lezinyawo, umbhoxo, netball, athletics, boxing, basketball, volleyball, chess, dance sport, karate, tennis, table tennis nemidlalo yendabuko okukhona kuyona ingqathu, ukhokho nomlabalaba.
“Owethu umsebenzi ukubheka ukuthi konke kuzohamba ngendlela efanele. Ngingasho ukuthi umnyango, abazodlalisa nabo bonke abazodlala bonke sebemi ngomumo. Zizenzile zonke izinhlelo ukuze imidlalo ibe yimpumelelo,” kusho umphathiswa wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko eKZN, uMntomuhle Khawula.
“UNdunankulu (uThami Ntuli) usekulungele ukuvula imidlalo eMoses Mabhida, aphinde ayivale e-ICC ngeSonto.”
Ngenxa yobuningi bemidlalo, kuzosetshenziswa izinkundla ezisezindaweni ezehlukene zeTheku. Ama-athletics azobanjelwa eKings Park Athletic Stadium naseWestville Country Club, i-basketball izoba seHoy Park, i-boxing izoba seMlazi Indoor Sports, i-chess izodlalelwa e-Durban ICC.
Ibhola labesilisa nelabesifazane lizodlalelwa eHoy Park, Sugar Ray Xulu Stadium, Princess Magogo Stadium naseChristiansburg Stadium. Umbhoxo uzodlalelwa eVarsity College (Durban North), i-karate e-Extension 3 Community Hall bese i-netball idlalelwe eHoy Park.
I-table tennis izodlalelwa KwaMashu Indoor Sports Centre, i-tennis izoba seWestridge Stadium, bese i-volleyball idlalelwe eDurban University of Technology eSteve Biko Campus.
“Ama-Salga Games angaqhathaniswa nemiqhudelwano ehamba phambili emhlabeni ngenxa yesibalo semidlalo edlalwayo kanye nabadlali abazoba yingxenye yemidlalo. Singabahleli bale midlalo singaqinisekisa ukuthi amalungiselelo ahambe kahle futhi sibalindele bonke abazohambela le midlalo,” kusho usihlalo wekomidi elihlela ama-Salga-KZN Games anonyaka, uVusi Mazibuko.
“Sikhuthaza abantu baseThekwini, ikakhulukazi abazali, ukuthi baphume ngobuningi bayothamela le midlalo. Kuzobe kungenwa mahhala ezinkundleni futhi nezokuphepha zizobe ziqine ngokwanele.”