AMAZULU ayelule ngeminyaka emibili inkontileka yomgadli, uJunior Dion, owashayele amagoli amqoka ngesizini ka-2023/2024.
UDion, wase-Ivory Coast, ujoyine Usuthu ekuqaleni kuka-2023 esuka kwiMarumo Gallants egcine igawulwe yizembe kwiDStv Premiership. Ngesizini edlule uDion ushayele AmaZulu amagoli ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-26 ayidlalile emiqhudelwaneni eyahlukene.
Kula magoli kukhona namathathu awashaye ngesikhathi bekhipha iLamontville Golden Arrows emqhudelwaneni iCarling Knockout. Inkontileka kaDion noSuthu iyaphela ekupheleni kwenyanga. Nokho leli phephandaba lithole ukuthi isiyelulwe ngeminyaka emibili.
“Inkontileka kaDion naMaZulu kade iphela kodwa iqembu lasebenzisa umbandela wokuyelula ngeminyaka emibili. UDion usajabule ngokuba kuMaZulu futhi usabheke ukuqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla ngesizini ezayo. Iqembu nalo lisamdinga ukuthi aqhubeke kulona,” kusho umthombo.
UDion ubanga indawo nomgadli waseNigeria, u-Augustine Kwem, oshaye amagoli ayisishiyagalombili emiqhudelwaneni ehlukene noVictor Letsoalo okuphele isizini edlule esezitamuzela isikimu kuMaZulu.
AmaZulu kusabalele ukuthi azodedela abanye abadlali ngenhloso yokuvulela izikhala abanye abazosayina. Kubadlali okuthiwa bangase balifulathele leli qembu kukhona noPule Ekstein ophelelwa yinkontileka. Kwasebehambile kukhona umdlali wasemuva, uVeluyeke Zulu, obengasitholi isikimu ngaphansi komqeqeshi, uPablo Franco Martin, waseSpain.
AmaZulu aqede isizini esendaweni ka-11 kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-36 emidlalweni engu-30. Lokhu kusho ukuthi luzoyizwa ngendaba eyomqhudelwano iMTN8 eyithuba lokuqala lokuwina indebe kwiPremiership.
Okhulumela AmaZulu, uPhilani Ndlela, uthe akukho asakutshelwe ngabaphathi mayelana nabadlali abahambile nabanikwe izinkontileka ezintsha. Abadlali boSuthu kulindeleke ukuthi babuye ngoJuni 24 ukuzoqala amalungiselelo esizini entsha. Leli qembu lizozicijela ukuqala kwesizini ka-2024/2025 ngomqhudelwano wePremiers Cup nePrince Mangosuthu Legacy Cup.