LIZOGAYA ngomunye umhlathi ezikoleni ezingu-114 zaKwaZulu-Natal, eziphucwe amandla okubhalisa izivivinyo zika-matric ngenxa yezehlakalo zokukopela kwabafundi.
Izivivinyo zika-matric kulezi zikole zikahulumeni nezingu-57 ezizimele zizokwenganyelwa nguMnyango wezeMfundo esifundazweni.
Lokhu kushiwo nguDkt Ray Penniston, isikhulu esibhekele izivivinyo emnyangweni wesifundazwe izolo, ngesikhathi uMphathiswa walo mnyango uMnuz Sipho Hlomuka, ememezela izinhlelo zokulungela ukubhalwa kwalezi zivivinyo, eWestville, eThekwini.
UPenniston uveze ukuthi bazihlonze kathathu izikhungo ezisengozini yokuthi kukotshelwe kuzona njengoba kukhona ezisezingeni eliphansi, eliphakathi kanjalo nalezo ezizokwenganyelwa ngumnyango.
Kulezi ezisezingeni eliphansi ezingu-1 258, nezimaphakathi ezingu-338, kuzonquma ihhovisi lesifunda ukuthi ngubani ozokwengamela izikhungo.
“Inhloso yokuziklelisa kanje nokuziqapha ngelokhozi yingoba singafuni ukuba nezivivinyo kanjalo nemiphumela ka-matric enogcobho. Lezi zikhungo zizoqashwa ngelokhozi ngoba asifuni kungcoliswe igama lomnyango wesifundazwe,” usho kanje.
Izifunda uMlaza, noMzinyathi yizona ezinezikole ezingu-19 isifunda ngasinye esinezikhungo ezizophuca amandla okubhalisa ezika-matric. Zingu-18 eMgungundlovu naseZululand, Pinetown 11, eMajuba sisodwa.
Ihlale iyiva eyokukopela kwabafundi kwa-matric cishe ezweni lonke ngoba kunomkhuba wokuthi kukopele inqwaba yabafundi kanye kanye, kungabi yidlanzana.
Kwezinye izehlakalo kuthinteka othisha okuyibo abasuke betshela abafundi izimpendulo, kokunye kube abafundi ababanjwa ‘bephethe umphako wezimpendulo’.
UHlomuka uthe ababanjwe bekopela noma bekopelisa abafundi bayajeziswa.
Izigwebo zifaka ukuthathwa njengento engekho imiphumela yaleso sifundo, umfundi ajeziswe ngokuthi ahlale iminyaka engazibhali lezi zivivinyo.
Uveze nokuthi bami ngomumo ukubhalisa lezi zivivinyo ezizobhalwa abafundi abangu-172 433, ababhala ngokugcwele nabangu-18 019, ababhala ngasese. Babalelwa ku-56 abazobhala izivivinyo ezikhungweni ezehlukene zokuhlunyeleliswa kwezimilo.
“Sizogaya amaphepha angu-30 million kanti sizimisele ukuthola u-100%. Uma kwenzeka iphupho lethu lingaphumeleli, asifuni ukuthola ngaphansi kuka-90% njengoba sifuna ukunyuka sisuke ku-86%.”
Uthe akekho ongeke angabhali ngenxa yokuthi isikole sakhe sakhahlanyezwa yizimvula noma isiphepho.
Uveze ukuthi babe nezinhlelo zokufundisa abafundi ababalelwa ku-98 975 ngamaholidi, ezikhungweni ezingu-1 001.
Zingu-32 izindawo zokumaka kanti kuqashwe abazobe besebenza ngesikhathi sokumaka abevile ku-9 000. Ukumaka kuqala ngoDisemba 1, kuphothulwe ngoDisemba 10.
UNgqongqoshe kazwelonke uNksz Siviwe Gwarube, uzomemezela imiphumela ka-matric ngoJanuwari 15, 2025.
“Esifundazweni imiphumela ngizoyikhipha ngoJanuwari 16, 2025 uma ngizobe ngisawuMphathiswa walo mnyango. Abafundi bazoyithola ngaleli langa ezikoleni. Sinezinhlelo esizenzile uma kungukuthi siyashintsha isimo sezulu uma kubhalwa ngasohlangothini lokulandwa nokuhanjiswa kwamaphepha,” kusho uHlomuka.
Uncome nesikhungo esigaya amaphepha ezivivinyo ngezinga eliphezulu lezokuphepha njengoba kungangeni ngisho umakhalekhukhwini ngenxa yokuthi abafuni kube nephepha elizoputshuka.