KUNEZINTO ongafuniseli ngazo kuNdunankulu omusha waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uma ufika emzini wakhe esigodini iVumanhlamvu, eNkandla.
Uyakholelwa ezimfundisweni zomsunguli weqembu i-IFP, uMntwana wakwaPhindangene. Lokhu ukubona ngezithombe zalo mholi okhothame ngonyaka odlule. Izindondo ezihlobise endlini kwakhe zikhomba ukuthi umculo wamakhwaya usegazini kuye, engakakusho nokukusho lokhu. Ukuqeqeshwa njengothisha kusesemizweni yakhe - ukhuluma acacise futhi uyalalela.
UNtuli (51) cishe uyisakhamuzi sesibili saseNkandla ukukhuphukela ehhovisi elikhulu ekuphathweni kwezwe ngemva kwalowo owayenguMengameli uMnuz Jacob Zuma.
Ngesikhathi Isolezwe limvakashele bekulokhu kungena abantu abazobingelela baphiwe ukudla, iziphuzo nezithelo. Akekho kubo obehamba engakutholanga okokumaya.
UNtuli uthi umoya wokuphana wawufunda kubazali bakhe, okungunina uMaMbatha noyise ngoba kwakuthi uma bedlala nezinye izingane egcekeni baphakelwe bonke, kuthi uma sekudliwa isidlo santambama kuphakelwe nabanye omakhelwane okwakwaziwa ukuthi isimo sabo asisihle kahle.
Echaza ngokukhula kwakge, uthe uyinsizwa nje yasemakhaya eyayenza konke okwenziwa ngontanga bayo okubalwa ukwelusa, ukuzingela, ukudlala ibhola, ukudla izithelo zasendle nokunye. Eyokuba yiphisi ifakazelwa izinja eziningi anazo egcekeni, yize-ke engasazingeli ngazo.
UNtuli uthi ebholeni wayengemuhle kahle yize wayefuna ngodli ukufakwa esikimini ngoba wayenenkolelo yokuthi uzoshaya amagoli, kodwa kunqabe khona. Ngenxa yalokhu abanye ontanga yakhe babembiza ngenkomo. Kodwa ngesikhathi esewuthisha, waliqeqesha ngempumelelo iqembu lebhola.
Ekhula ontanga yakhe uthe babemteketisa ngelika “mlungu”, kodwa wayengasithandi leso sidlaliso ngoba wayengazi ukuthi sisuselwaphi.
UNtuli ufunde esikoleni sendawo iVumanhlamvu Primary, wadlulela eMatsheni High, eSibonokuhle High naseNomanci Secondary.
Emuva kokuthophula u-matric ube eseyofuna umsebenzi waqashwa njengomuntu ohlanza isitolo eMdlovana, wakhushulwa washaya isisefo, wadlula wayosebenza njengonogada wezitolo Olundi, wagada isikhungo samanzi eMabedlane. Ukungena esiShayamthetho okokuqala wakuzwa ngesikhathi eba unogada esiShayamthetho sasoLundi kanti akazi ukuthi ngelinye ilanga angagcina esekhuphukele esihlalweni esiphezulu akuso namuhla.
Ube esebizwa ngesinye sezikole ukuba azoba wuthisha ozosebenza engaqeqeshiwe njengoba sasifuna uthisha ozoculisa ikhwaya kwazise wayewumuntu owayekuthanda ukucula esakhula futhi edla izicoco.
Nempela wawuthatha lo msebenzi, waba wuthisha wanqoba izindebe zomculo eMashinga Secondary waze wakhushulelwa isikhundla ngenxa yamagalelo akhe waba yinhloko yomnyango (HOD).
Ngesikhathi ewuthisha ongaqeqeshiwe wabhalisela izifundo zobuthishela eRand Afrikaans University esibizwa nge-University of Johannesburg (UJ), waphasa wathola iziqu ze-diploma yobuthishela. Wadlulela eNyuvesi yaKwaZulu-Natal wenza eze-Advanced teaching nazo waziphasa wabe esebhalisela i-honours yakho ukufundisa kodwa akazange aziphothule ngenxa yokuthi wayesematasa kakhulu njengoba wayesewuthishomkhulu futhi esebenzela nenyunyana yothisha iNational Teachers Union (Natu).
Uveze ukuthi wenza ezinye izifundo zokucija abaholi nezinye eziningi ngoba uwumuntu okholelwayo kwezemfundo.
KwiNatu ubebhekele konke okuthinta amacala othisha, kunguye okhulumela othisha uma bebhekene nezingqinamba. Ube wuthishomkhulu eHwanqana naseLushaba Secondary.
Uthe akakaze acabange ukuthi uyoba wuNdunankulu wesifundazwe ngoba akasiye umuntu wezikhundla.
“Ngikhule ngithanda ukuba uthisha ogxile kwezomculo ngoba ngiwumuntu okwaziyo ukucula. Ngilifezile iphupho lami lokuba wuthisha futhi bengisungula amakhwaya ezikoleni engifundise kuzo sinqobe izicoco. Ngikwazile nokunyusa izinga lokuphasa ezikoleni ebengizihola ngesikhathi ngiwuthishomkhulu. Angikaze ngicabange ukuthi ngelinye ilanga ngiyoba wuNdunankulu waKwaZulu-Natal,” kuchaza uNtuli.
UNtuli, oyizibulo ezinganeni zakwabo, ulanywa abafana ababili nentombazane eyodwa, ushadelwe uNkk Sindiswa umaSibisi futhi unguyise wabafana abathathu namantombazane amabili.
Uma engasebenzi uhlala ekhaya enze imisebenzi yasegcekeni okungaba wukulungisa ingadi nokubheka okunye okudinga ukulungiswa, ubuye apheke njengoba ewumuntu okukhonzile ukudla okumnandi.
Uthe akukho ukudla angakwazi ukukupheka ngoba ukhule ekhaya lapho bekufanele umuntu akwazi ukupheka, ukuhlanza indlu nokuzi-ayinela.
Ukudla akuthandayo amadumbe, ubhatata, ispinashi, inyama yenkukhu, eyengulube nenhlanzi.
Yize engalilandeli kakhulu ibhola kodwa uthanda iKaizer Chiefs, AmaZulu neRichards Bay FC. Kwawaphesheya iBarcelona idlala ibhola alithandayo.
Ngokwenkonzo uyilungu lebandla laseSheshi, e-All Saints Anglican Church. Uthe abazali bakhe bebethembele kuNkulunkulu, wakhulela enkonzweni noMntwana waKwaPhindangene owayemkhuthaza ukuthi abambelele okholweni emtshela ukuthi impilo idinga umkhuleko nokukholwa ukuze umuntu anqobe.
Okumjabulisayo empilweni ukusiza abantu nokubona besizakala, kanti kumphatha kabi ukungakwazi ukusiza.
Mayelana nezinkulumo zokugconwa akuthola ezinkundleni zokuxhumana njengoba abanye bembiza ngoNdunankulu womgunyathi noma uNdunankulu ka-18%, uthe akayinaki into engakhi.
“Uma uwumuntu awuwasusi amehlo akho ohambweni lwakho. Uqonda ngqo kulokho osophe ukukufeza. Uma uzingela usubona inyamazane, awuyeki ukuyishaya ngoba sekuvuka ingwenya esizibeni. Akusibo bonke abantu abazokushayela ihlombe ngempumelelo yakho, abanye bazokugxeka ngoba bebefisa kube yibona bodwa abaphumelelayo,” kusho uNtuli.
Kodwa noma kunjalo, uMphemba uyatholakala emakhasini ezokuxhumana okubalwa i-Facebook, instagram, Tiktok nakwi Twitter.