UBONGINKOSI Khanyile (34) ukhathazwa ngakubize ngokulandelelwa kakhulu kwabantu abeseka noma ababonakala behamba nowayengumengameli wezwe osengumholi woMkhonto weSizwe Party, uMnuz Jacob Zuma, athe kwenziwa wuMbuso.
UKhanyile usho kanje engxoxweni neSolezwe emuva kokuvela kwakhe eNkantolo yesiFunda yaseThekwini ngoLwesihlanu.
“Mina bangiqala ngimncane, sengize ngakhulela kuyona le nkantolo sengimdala ngiwubhuti manje. Kodwa asilinde icala selizohlala. Yonke le nto eyenzakalayo yayivele iyipolitiki kwasekuqaleni,” kuchaza uKhanyile.
Uthe uZuma waboshwa kungafanele, kusetshenziswa imithetho akhelwa yona eyisipesheli ukuze aboshwe engazange avele enkantolo.
Usole owayewusihlalo weKhomishana kaZondo, iJaji uRaymond Zondo athe laphula uMthethosisekelo wezwe libophisa uZuma ngaleya ndlela.
“Into esasiyibanga nohulumeni wangaleso sikhathi ukuthi akawulandeli umthetho. Akekho umuntu ozovele agwetshwe esendlini ngoba kuthiwa wayengumengameli wezwe,” kusho uKhanyile.
Uthe i-Criminal Procedure Act ikubeka kucace ukuthi uma kuwukuthi uyasolakala, kumele ubekwe icala futhi ubuzwe ukuthi uyalivuma noma uyaliphika.
Uqhube wathi umthetho uyakucacisa ukuthi lowo osolwayo unalo ilungelo lokumelwa ummeli, bese liyaqulwa icala, ekugcineni kukhishwe isigwebo.
“Sonke siyalingana phambi komthetho, lokho kuhlanganisa umengameli okhona njengamanje nowayephethe phambilini,” kusho uKhanyile.
Usamile emazwini okuthi akazange ashise, atape noma abulale umuntu ngesikhathi sezibhelu zangoJulayi 2021.
UKhanyile uthe umsulwa futhi uhulumeni akanabo ubufakazi obuqanda ikhanda bokuthi nguye owayiphaka ngesikhathi somtapo.
Uveze nokuthi uzophuma phambili ngoba wonke amacala abekwe wona okuphehla izibhelu akazange awenze.
NgoLwesihlanu, uKhanyile uboshwe kule nkantolo ngesikhathi ezovela ngelinye icala elithinta umtapo, angaphande ngebheyili kaR5 000 kulona.
Uboshiwe wabekwa icala lokuphula umthetho omayelana nokuhlangana kwabantu endaweni eyodwa nelokubopha itulo lokugovuza umphakathi ukuba uvuke udlambedlu.
OKlebe okuyibona ababophe uKhanyile bathe ukuboshwa kwakhe kusukela enkulumeni ayenze ngoMashi nonyaka, eGoli.
Kuthiwa wathi ngeke lube khona ukhetho eNingizimu Afrika uma kususwa iqembu lakhe, uMkhonto weSizwe Party nomholi walo uZuma ohlwini lamaqembu nabantu ababezovotelwa.
Manje oKlebe bathi ngenkulumo yakhe wayehlose ukugovuza umphakathi uvuke injebomvu uma kungenzeki akufunayo.
Udedeliwe uKhanyile ngebheyili njengoba ezobuyela enkantolo ngoSepthemba 23, ngawo wonke amacala athweswe wona.
UMbuso uveze ukuthi uzobiza ofakazi abangu-62 uma sekuqulwa icala. Ummeli kaKhayile uzobiza ummangalelwa nabanye ofakazi ababili.