UTHOLWE necala lokuzama ukubulala nokudlwengula owayeyisosha, ongamtshelanga ayethandana naye ukuthi uphila negciwane lengculazi agcina emthelela ngalo.
ULeon Santos Conga utholwe necala yiMantshi uFikiswa Ntlati enkantolo yasePitoli ngoLwesibili.
Umgilwa, u-Antoinette Ndishishi, obemelwe wuphiko lwezokushushisa lwe-AfriForum wabika lolu daba kulo ngo-2018.
I-AfriForum yaphoqa iSouth African National Defence Force (SANDF) ukuthi ikhiphe umlando wezempilo kaConga owaveza ukuthi wayazi ngokuthi unegciwane kusuka ngo-2007.
Ithe ukunqaba kweSANDF ukuthi ikhiphe umlando kaConga kwenza ukuthi uphiko lwezokushushisa umphakathi, iNational Prosecuting Authority (NPA), iluhoxise kabili udaba enkantolo.
Esitatimendeni, i-AfriForum ithe imantshi ithole uConga enecala lokudlwengula ngoba uNdishishi wavuma ukuthi baye ocansini ngoba azi ukuthi akanalo igciwane. Ithe inkantolo ibamukele ubufakazi bukaNdishishi bokuthi ukuba uConga wasidalula isimo sakhe, wayengeke avume ukuthi balale njengoba lezi zithandani zakhuluma ngalolu daba kodwa uConga wayigodla imininingwane.
UConga kuthiwa utholwe necala lokuzama ukubulala ngoba wathelela uNdishishi ngegciwane azi ukuthi unalo futhi wangamtshela.
UNdishishi ubonge i-AfriForum, wathi ngaphambi kwayo ubesekwa wunina kuphela.
"Ngizwa ngathi ngithole ubulungiswa ngoba utholwe enamacala kuwona womabili, okungelokuzama ukubulala nokudlwengula. Uma ngikhuluma iqiniso, ngikhalile ngesikhathi ngizwa imantshi imthola necala. Ngikhale ngoba sengilwe iminyaka eyisikhombisa ngakho bengijabule. Kungaba kuhle ukuthi nabanye besifazane bavele bazibike izigameko ezinje ngoba eNingizimu Afrika baningi abatheleleka ngeHIV."
Icala lihlehliselwe u-Agasti 7.