KUSIZE abebehamba ngemoto bedlula ngomgwaqo ngesikhathi bebona owesilisa emuka nomfula iHennops River, eCenturion, ePitoli.
Lokhu kwenzeke ngoLwesibili ekuseni kwathu abezimo eziphuthumayo babizelwe kula ndawo ngo-7 ekuseni, ngenxa yombiko yowesilisa obegwiliza.
“Sithole umbiko ngowesilisa onyamalale kade eyogijima ekuseni kungaziwa ukuthi ushonephi. Kusize abebehamba ngemoto bembona lo wesilisa efuna usizo, kubonakala ukuthi uyamuka nomfula,” kusho uKyle van Reenen okhulumela abe-Emer-G-Med.
Lo mlisa utakuliwe wahlengelwa kule ndawo anduba aphuthunyiswe esibhedlela. Imbangela yokuthi ufike kanjani emanzini akuqondakali kahle kodwa kuyaphenywa.