IQHUBEKA kahle e-ICC inkonzo yomngcwabo wesilomo somculi waseThekwini uMandla Mampintsha Shimora Maphumulo obekwa endlini yakhe yokugcina namhlanje.
Lo mngcwabo uvulwe ngomkhuleko kodwa nengoma yeBig Nuz ethi Ngeke idedelwe abantu bangena egiyeni njengoba bebedansa baze bakhase phansi. Amakhosikazi ezicholo namaphinifa ebelokhu egwabe njalo phambili.
Umdwebi wabantu uRasta ulokhu eyibambe njalo naye njengoba eyowuphetha umdwebo kaMampintsha. Kuzokhumbuleka ukuthi uRasta wenza izithombe ezimbili , ngokujwayelekile esinye esomndeni bese esesibili kube asifaka emgodleni wakhe. Iningi labantu lichazekile kwazise uhlala egxekwa kodwa kulokhu kubukeka ebagculisile abaningi.
" Wenze kangcono kakhulu uma uqhathanisa nawenzela uRobbie Malinga," kusho uMandlenkosi.
" Uzamile kulokhu Rasta," kusho uSenny Fadane.
" Angikakaze ngibone urasta eshaya emhlolweni phambilini, ushayile ndoda," kusho uTshepoletshabo.
Omunye wabaphathi bohlelo uDudu LaydD Khoza ubezama ukulokhu eshaya amahlaya awabhekise kuBabes Wodumo nobonakale esehleka kancane ngaphambi kokuqala uhlelo.