UMENGAMELI we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa ubize ngezimaku amalungu eMK azame ukufaka unyawo lwedada emkhankasweni wakhe wokhetho.
URamaphosa uwatshele ezinhlamvini zamehlo amalungu eMK azame ukumphazamisa ukuthi ayizimaku ezikhonkotha ubala.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi uRamaphosa ekhankasa enxanxatheleni yezitolo iHammarsdale Junction, ngeSonto.
Kuthe uRamaphosa esakhuluma namalungu e-ANC, kwaqhamuka iqeqebana labantu abebefake izikibha ze-MK, bacula izingoma ezibhinqa uRamaphosa ne-ANC.
URamaphosa ube esefanisa amalungu eMK nezinja ezikhonkotha ubala.
"Abanye bafana nama-blackie. Niyayazi inja encane ehlezi ikhonkotha, ingazi ukuthi ikhonkothani? Nampa abanye bayakhonkotha (esho ekhomba amalungu eMK). Bonke nje bayizinja ezikhonkotha ubala."
Ube esekhuza isiqubulo esithi niyabesaba na, washo ekhomba amalungu eMK.
Amalungu eMK anqabile ukukhuluma nabezindaba. Kume yonke into ngesikhathi uRamaphosa efika enxanxatheleni yezitolo.
Kube ububhudubhudu abantu befuna ukuzibonela uRamaphosa, namalungu e-ANC abengazibekile phansi, ecula izingoma ezeseka uRamaphosa.
Iningi labasebenzi basezitolo livele lashiya imisebenzi, layodushana nabebefuna ukubona uRamaphosa.
URamaphosa uzulazule kancane enxanxatheleni yezitolo, ehamba ebingelela abantu, wabe esekhuluma namalungu e-ANC avele athi mbo ngesikhathi efika.
Utshele amalungu e-ANC ukuthi inhlangano yabo izomangaza abaningi okhethweni oluzayo.
"I-ANC inkunzi ezokhonya lapha. Laba abazitshela ukuthi i-ANC isiyehlile, bazomangala.
“Bazobona ukuthi yibona asebehlile. Yithi esizonqoba lapha KwaZulu-Natal futhi yithi esizonqoba eNingizimu Afrika yonke," esho.
URamaphosa uqale umkhankaso wakhe wayizolo KwaNgcolosi, lapho ebe nomhlangano womphakathi.
Kulomhlangano uRamaphosa ubabize ngezimpumputhe labo abathi i-ANC ayizange yenze lutho kuleminyaka engu-30 eyedlule.
"Bakhona abahamba bethi abayiboni into eyenziwe i-ANC. Sithi kulabantu bayizimpumputhe, ababoni futhi abezwa. Kuleminyaka engu-30 ziningi izinto ezenziwe i-ANC,"kusho uRamaphosa.
Uchithe labo abathi ugesi awucishwa ngenxa yokuthi kuza ukhetho.
Uthe i-ANC ingalunqoba ukhetho noma ngabe kunenkinga yokucishwa kukagesi.
"Ukunqoba kwethu ukhetho akuncikile ekutheni ugesi awucishwa. Ukhetho sizoluwina noma ngabe ugesi uyacishwa ngoba abantu bayayithemba i-ANC.
“Ugesi awucishwa ngoba siyayilungisa inkinga kagesi. Nalapha eThekwini siyayilungisa. Wonke ama-transformer ashile, sifaka amasha," eqhuba.
Utshele abantu ukuthi bangavumi ukukhohliswa ngamaqembu amancane enza izethembiso angeke azigcine.
"Abakaze benze lutho kodwa bahamba bethi, 'nywe nywe nywe', bathi bazodala amathuba emisebenzi. Thina sithi votelani abantu abazi ukwenza umsebenzi," kugcizelela uRamaphosa.
Uphothule umkhankaso wakhe wayizolo KwaMashu kanti owaKwaZulu-Natal uwuqale eNanda ngoLwesihlanu.
NgoMgqibelo ukhankase KwaXimba, ezindaweni eziseduze nePinetown naKwaDukuza.
Namhlanje kulindeleke aqhubeke nomkhankaso wakhe KwaZulu-Natal.
Umbango wokuhola lesifundazwe ushisa phansi njengoba kukhona ababona i-ANC izophuma emandleni.