UMANGAZE abantu umholi wamaNazaretha, uNyazilwezulu, ephumela obala ekhankasela umculi wowokholo, u-Andile kaMajola ethi akavotelwe ukuze ahlukanise unyaka emncintiswaneni woKhozi FM, wengoma ehlukanisa unyaka.
UKaMajola ungomunye wabaculi abayishumi abasemncintiswaneni wengoma ezohlukanisa unyaka kuKhozi FM. Owinile uzomenyezelwa ngesikhathi kuhlukana unyaka siwelela ku-2024.
Entshumayelweni yalo uNyazi eqoshwe nakuma-video, luphumela obala ngokuthi akuvotelwe ukaMajola.
Luthe uKaMajola ufikile kulona ezocela isibusiso ukuze ahlukanise unyaka kuKhozi FM. Lwathi amaNazaretha akamvotele, ukuze abe ngumculi wokuqala wokholo ukuhlukanisa unyaka kulo mncintiswano. Luze lwathi uma kungahlukanisa ingoma yokholo nezinkinga ezikhungethe abantu zizophela ngo-2024.
Umthombo weSolezwe ozazi zonke ezangaphakathi kumaNazaretha, uthe lugejile uNyazi ngalesi simemezelo.
“Umholi wamaNazaretha akavumelekile ukuchema nanoma ngubani ngoba abantu abaholayo bakholelwa ezintweni ezehlukene. Kusamele abefundisi balweluleke uNyazi ngoba ngokwesikhundla salo aluvumelekile nhlobo ukuchema. Le nto isike yenzeka naphambilini ngesikhathi luthi akunikwe i-ANC ithuba lesibili. Kwalokho kwakuphambene ngoba kumaNazaretha silandela amaqembu epolitiki ehlukene. Uma kungukuthi abaholi kukhona abasuke bekudlile bese bechema, akube ngokwabo lokho ngoba amakholwa asuke engadlile wona ngalokho,” kusho umthombo.
Kuthintwa okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe okushiwo yilo mholi akusona isiphrofetho.
“Obekushiwo yiNkosi uNyazi, bekuwumbono wayo, akusona isiphrofetho. Ngaleyo ndlela kukubona abantu ukuthi okushiwo yiNkosi bayakwenza noma cha. Njengoba kungesona isiphrofetho akuphoqi ukuthi umuntu akwenze. Okubalulekile mina engingakusho ukuthi abantu abazi ukuthi ngomhla ka 1 Januwari uyangena uMdedele, kuthi ngomhla ka 3 sinyuke siye entabeni iKhenana,” kusho uMncwabe.
UkaMajola uze wayifaka nasekhasini lakhe le video ekhankaselwa wuNyazilwezulu. Wathi: “Usekhulumile omdala, selukhulumile uNyazilwezulu, lwathi sonke asivotele le ngoma: SMS: INGOMA G ku-33665,” usho kanje.