IYAKHULA ingcidezi kuNgqongqoshe wezoLimo uMnuz John Steenhuisen ekutheni amise ukukhiqizwa kwekhemikhali eyisibulali zinambuzane esisetshenziswa ngabalimi, i-terbufos okukholakala ukuthi ingenye yezimbangela zokushona kwabantu abagula emva kokuthenga okudliwayo ezipaza.
Izinhlangano zomphakathi, izifundiswa nezinyunyana zabasebenzi sebebhalele uSteenhuisen incwadi bethi akamise ngokushesha ukusetshenziswa nokudayiswa kwale khemikhali.
UNkk Mariam Mayet ongumqondisi wenhlangano i-African Centre for Biodiversity, ekhuluma nabezindaba kwi-eNCA, uthe encwadini yezikhalo enamakhasi awu-16 edluliselwe kuSteenhuisen, kuvela umlando wokuhluleka kukahulumeni wakuleli ukulawula ukudayiswa kwamakhemikhali ayingozi. Unqunyelwe ugwayi katiki ngokuthathelwa izinyathelo zomthetho.
“Le ncwadi kumele ngabe kade yabhalwa. Uhulumeni simbekezelele ngokweqile. Bese kuyisikhathi eside ongoti asebesebenze isikhathi eside emkhakheni wezempilo benxusa uhulumeni ukuthi ahoxise ukusetshenziswa kwamakhemikhali ayingozi, begxile kakhulu odabeni lobuthi ekudleni okungadliwa izingane. Ibhalwe ngesikhathi kunemibiko yezingane ezishonayo emva kokudla ezikuthenga ezipaza okunobuthi ezinye ezigulayo ngenxa yalesi simo,” usho kanje.
Ibhalwa nje, yandulelwe wuhlu lwezikhalo olwenziwe ngabakwa-South African People’s Tribunal on AgroToxins emasontweni amabili edlule, nalo olusho kufanayo. Uhlu lwezikhalo luveza ukuthi kunokugxila kwabezitolo zokudla nabadayisa emigwaqweni, wuhulumeni okufanele ugxekwe nezinkampani ezikhiqiza amakhemakhali ayingozi abeka impilo yabantu engcupheni. Bathi ukuhoxiswa kwale khemikhali kumele kwenzeke zingakapheli izinyanga ezintathu.
Umbiko wokuhlolwa kwezidumbu zezingane eziyisithupha zaseNaledi eSoweto, ezishone emva kokudla ezazikuthenge esitolo sabokufika ngo-Okthoba, uveze ukuthi kwatholakala le khemikhali kuzona.
Ukukhula kwesibalo sabantu abashonayo nabagulayo emva kokuthenga okudliwayo ezitolo ezincane imvamisa okungezabokufika okugqame kakhulu izingane, kuphoqe uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi amemezele lezi zigameko njengenhlekelele.
Abezitolo ezincane zokudla nabadayisa emgwaqweni banikezwe izinsuku ezingu-21 ukuthi babhalise ngokusemthethweni amabhizinisi abo ukuqinisekisa ukuthi alandela yonke imigudu yezenhlanzeko, kanti kusasa ngumnqamulajuqu walolu hlelo.