UBONGE ukuthola ithambo likamufi umndeni wowesifazane waKwaNyanta, eHlokozi, okuthiwa ubulawe ngesihluku ngowesilisa owayengumphathi wakhe ngoKhisimusi.
Isidumbu sikaNksz Ayabonga Mjilo (24), simbiwe amaphoyisa egcekeni lakubo kamsolwa, uMnuz Mfanafuthi Kunene (37) ngoJanuwari 4.
Lokhu kuthiwa kwenzeke emva kokugonyuluka ngesenzo sakhe emaphoyiseni, maqede zamkhalela.
UNksz Mjilo wagcina ukubonwa ephuma nomsolwa endaweni yokudlela eseMhlanga, ngoDisemba 24, kanti kubikwa ukuthi bangena emotweni eyodwa, bahamba.
Emva kwalokho ubelokhu ebikwa njengomuntu odukile kwaze kwaba kutholwa isidumbu sakhe egcekeni lakubo kamsolwa.
Ekhuluma enkonzweni yomngcwabo wakhe ebisekhaya ngoMgqibelo, umalume wakhe, uMnuz Mthetheleli Mjilo, uthe sebebonga khona ukuthi bakwazile ukuwathola amathambo akhe, ukuze bawafihle ngendlela enesizotha.
“Noma bekubuhlungu ngoba sithole ukuthi umzimba ubusuvele wonakele. Isimo nje esibuhlungu,” kusho uMjilo.
Uthe ikhanda belingabonakali nhlobo ngesikhathi beyobheka isidumbu emakhazeni, wathi kube yingalesi sizathu inkonzo yomngcwabo wakhe yenziwe yaba mfishane.
Uthe bayafisa ukuthi umthetho udlale indima yawo ngendlela efanele, kwenzeke ubulungiswa.
“Umsolwa uzivumele yena icala, akanikwe isigwebo esimfanele,” kusho uMjilo.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, obewuhambele lo mngcwabo uthe isihlava sokubulawa kwabesifazane silokhu siqhubekile nokukhathaza.
“Kunezingxoxo okufanele sibe nazo ezinhlakeni ezehlukene emiphakathini, ezifaka phakathi izinhlaka ezibhekelele ezokuphepha emphakathini kanjalo nasemaphoyiseni ukuze kuboniswane ngalesi sihlava,” kusho uNtuli.
Uthe bahlongoza nanokusungula i-app ezosetshenziswa abesifazane kumaselula, abazoyiciphiza, ikhale emaphoyiseni uma bezizwa besengozini.
Uthe kuyo le nyanga, bazoya nasezindaweni ezithathwa njengalezo okuhlasele kakhulu kuzo lesi sihlava, ukuyoxoxa nezinhlaka ezehlukene, ukuze wonke umuntu kube khona indlela angenelela ngayo ekulweni naso.
Uthe ngoLwesithathu ulindele ukuthola umbiko ogcwele esiShayamthetho ngokusebenza kwe-laboratory ehlaziya ulibofuzo emacaleni obugebengu.
“Kufanele kuqinisekiswe ukuthi ubufakazi obusuke budingeka enkantolo buphelele ukuze kusetshenzwe ngendlela efanele amacala athinta ukuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane ukuze kugwetshwe abasolwa,” kubeka uNtuli.
Uthe ukubambezeleka kwemiphumela yolibofuzo kubuye kube nomthelela omubi kudedelwa abasolwa, wathi ukhona umhlaba osukhonjiwe ukuthi kungakhiwa kuwo i-laboratory yesifundazwe njengoba kwaziwa ukuthi okwamanje, ulibofuzo lusenziwa ePitoli.
UKunene uvele okokuqala eNkantolo yeMantshi ngoMsombuluko, icala lakhe lahlehlela uFebhuwari 26, njengoba ekhethe ukusilaxaza isicelo sebheyili.