UNOBHALA jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ukhuthaze amalungu ale nhlangano ukuba awashiye ngaphandle amagama abaholi abangamavila uma sekuphakanyiswa amagama abaholi abazojutshwa ePhalamende naseziShayamthetho zezifundazwe.
Njengoba amagatsha e-ANC eqhubeka nemihlangano yokuphakamisa amagama abazojutshwa ePhalamende naseziShayamthetho zezifundazwe, uMbalula unxuse amalungu enhlangano ukuba aphakamise amagama abaholi abakhuthele.
Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma emhlanganweni wesigungu esiphezulu kwi-ANC esifundeni iWest Rand, eGauteng.
UMbalula uthe amavila vele aseqalile ukunxenxa abantu ukuba baphakamise amagama awo, wathi iPhalamende neziShayamthetho zezifundazwe azisizo izindawo zamavila.
“Kukhona abantu abangafuni ukuyokhankasela i-ANC kodwa uma kuyiwa ePhalamende basho kuqala ukuthi akuphakanyiswe amagama abo. Ningizwe kahle, akuphambene nomthetho ukuthi abantu bakhankasele ukuthi kuphakanyiswe amagama abo. Ningabagxeki uma benza njalo.
“Kodwa mina ngithi kufanele nibabhekisise abantu abathi bafuna kuphakanyiswe amagama abo. Kufanele nibhekisise ukuthi obani laba abasixinayo, asisakwazi nokuxoxa emaqoqweni kaWhatsApp, bakhankasela ukuthi sibaphakamise.”
UMbalula uthe ukujutshwa kwamavila angawenzi umsebenzi ePhalamende naseziShayamthetho kuyayilimaza i-ANC.
“Uma umuntu ebona ukuthi ufanelwe ukuya ePhalamende akakhuthale ukwenza umsebenzi we-ANC. Kuyasetshenzelwa ukuya ePhalamende. Asikwazi ukuphakamisa amagama amavila. Kufanele uma umuntu ethi ufuna ukuya ePhalamende abe umuntu owaziwayo ukuthi ukhuthele. Akufanele sithi uma sesimemezela abantu abazojutshwa ePhalamende, abantu babuzane bonke ukuthi ubani lo uma kuvela igama lakho.”
UMbalula uthe babheke ukuthi balunqobe ngamalengiso ukhetho lwangonyaka ozayo njengoba ethe bazoya kulolu khetho bengabhekene nezinkinga ababebhekene nazo ngesikhathi beya okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2021 lapho balahlekelwa khona inqwaba yomasipala.
“Siye okhethweni lwango-2021 sibhekene nezinkinga. Sathi singakaqali ukukhankasa kwavela inkinga yokuthi amakhansela ethu awabhalisiwe ukuba angenele ukhetho. Sathi uma sidlula kuleyo nkinga sathola ukuthi abanye esasibathume ukuthi bayobhalisa amakhansela ethu bafike bashintsha amagama abantu abasohlwini. Lokhu kwasiphoqa ukuthi siqoke ikhomishini eyayizophenya lokhu ngoba abantu babesho kahle ukuthi bona abawazi la makhansela asevela ohlwini lwe-ANC. Kwathi kusenjalo kwaphinde kwaqhamuka lo mthakathi wokucishwa kukagesi, wafike wasinyomfa wasiqeda.”