IPHINI likaMengameli we-ANC, uMnuz Paul Mashatile, lithalalise amahlebezi okuthi buzohlakazwa ubuholi bale nhlangano KwaZulu-Natal.
UMashatile uthe ukungenzi kahle kwe-ANC KwaZulu-Natal, naseGauteng, akusho ukuthi sekufanele kuhlakazwe ubuholi bezifundazwe.
Ukusho lokhu ekhankasela ukhetho lokuchibiyela oluzokuba ku-ward 2 eSweetwaters, kuMasipala waseMsunduzi ngesonto elizayo.
UMashatile uthe abakasithathi isinqumo sokuhlakaza ubuholi be-ANC kuzona zombili izifundazwe.
“I-ANC ayizange yenze kahle ezindaweni eziningi ngesikhathi kunokhetho lwangoMeyi, sathola u-40%. Njengobuholi be-ANC kuzwelonke siyabheka ukuthi sehlulwa kanjani okhethweni. Yingakho sihlangane nobuholi be-ANC kuzona zombili lezi zifundazwe.
“Lesi akusona isikhathi sokuba sisolane. Ngiyazi ukuthi abantu abaningi bacabanga ukuthi njengoba sibize ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal naseGauteng, sifuna ukubahlakaza. Iqiniso ukuthi thina sifuna nje ukubuka izimo ezaholela ekutheni singenzi kahle okhethweni.”
Ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal, nobaseGauteng bulengelwa yizembe ngenxa yokuthi inhlangano ayizange yenze kahle kuzona zombili izifundazwe okhethweni lwangoMeyi.
KwaZulu-Natal i-ANC yathola u-17%, isuka ekutholeni u-55% okhethweni lwango-2019. Njengamanje i-ANC iyiqembu lesithathu ngobukhulu KwaZulu-Natal.
EGauteng khona i-ANC yathola u-33%, isuka ku-50% eyawuthola okhethweni lwango-2019.
I-ANC ihlehlise umhlangano obekufanele unqume ngekusasa lobuholi be-ANC kuzona zombili izifundazwe.
Umhlangano wesigungu esiphezulu kwi-ANC obekufanele ube kule mpelasonto, uhlehliselwe unyaka ozayo.
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe bakhethe ukuhlehlisa umhlangano wangempelasonto ngenxa yokuthi kumatasa kwezepolitiki.
“Kunomengameli bakwamanye amazwe abazohambela kuleli. Lokho kudinga uMengameli Cyril Ramaphosa nongqongqoshe. Kuphinde kube khona ingqungquthela yedlelandawonye lethu, i-SACP.”
Kulo mhlangano ikomiti elibhekelele ukusebenza kwansuku zonke kwi-ANC, i-National Working Committee, belizokwenza izincomo esigungwini esiphezulu ngesinqumo okufanele sithathwe ngekusasa lobuholi benhlangano eKZN, naseGauteng.
Phakathi kweziphakamiso, kukhona esokuhlakaza ubuholi be-ANC kulezi zifundazwe, kube khona nesokujuba abaholi ukuba bayoqinisa ubuholi kuzona zombili izifundazwe.
Ikomiti lisanda kuhlangana nobuholi be-ANC kuzona zombili izifundazwe, lapho kukhulunywe kabanzi ngemiphumela yokhetho.
Kule mihlangano ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal, naseGauteng benze izethulo ngemiphumela yokhetho.
UMbalula ugcizelele eyokuthi abakasithathi isinqumo ngekusasa lobuholi be-ANC kuzona zombili izifundazwe.
“Abukho ubuholi obuhlakaziwe. Ubuholi be-ANC kuzona zombili izifundazwe buzoqhubeka busebenze kuze kuba kuthathwa isinqumo ngoJanuwari.”